INHLANZI ishelwe amanzi amadoda amabili eboshwa ngamaphoyisa ngesikhathi ehamba ngeveni okusolakala ukuthi aqale abulala umnikazi walo amngcwaba ethuneni elingashoni.
Ngokubika kwamaphoyisa, entathakusa ngoLwesine amaphoyisa esifunda iKing Cetshwayo athole umbiko ngamadoda abekade ehamba ngeveni ebekusolakala ukuthi intshontshiwe.
Lawa madoda aneminyaka engu-34 kuthiwa abekade esuka KwaNongoma elibangise eMtubatuba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuLu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe iveni ibonwe amaphoyisa eNkodibe aseyimisa.
“Kuthe uma bebuzwa abasolwa kwatholakala ukuthi akekho umnikazi wemoto kubona. Babe sebeboshwa, babekwa icala lokutholakala nempahla eyebiwe,” kusho uLt Col Gwala.
Kuthiwa amaphoyisa aqhubekile nophenyo kwatholakala ukuthi umnikazi wemoto wadunwa imoto yakhe wabe eseyasocongwa, isidumbu sagqitshwa ndawana thize KwaNongoma.
Kuvela ukuthi ngoLwesihlanu izinhlaka ezehlukene zamaphoyisa, kubalwa nophiko lwezinja ezihogela umkhondo, anikele eMbonjeni, KwaNongoma kuyocingwa isidumbu.
“Inja ibe isikhomba lapho okugqitshwe khona isidumbu eduze komfula, kwambiwa. Kutholakale isidumbu ebekade sesiqala ukonakala, somuntu wesilisa obeneminyaka engu-46,” kusho uLt Col Gwala
Udalule nokuthi lendoda yayikade ibikwe njengomuntu olahlekile ngoJanuwari 19 nonyaka. Lamadoda abe esengezelwa icala lokubulala. Kuthiwa abasolwa bavelile enkantolo yeMantshi yaKwaMsane ngoLwesihlanu.
Icala labo lihlehlisiwe njengoba kulindeleke bavele eNkantolo yeMantshi yaKwaNongoma maduzane.