UBEMAGANGE efika ekhaya ngoMsombuluko owesifazane waseDumisani Makhaye, eMpangeni, obebuya koteta, ethi uzokhombisa umufi ingane yakwabo ezelwe.
Nokho injabulo yakhe iphenduke eyesikhashana, ethola ukuthi indodakazi yakhe, uZanokuhle Khumalo (7) unyamalele.
Isidumbu sikaZanokuhle sigcine sitholwa sishuthekwe ngo-plasitiki ngaphansi kombhede wesiqashi endaweni ngoLwesibili, kanti kusolwa ukuthi uklinyiwe.
Elandisa ngesigameko umakhelwane, uMnuz Sandile Mhlongo, olusukumele phezulu udaba, uthe ufike kubo ngoMsombuluko, ingundabamlonyeni eyokunyamalala kukamufi.
Uveze ukuthi unina kamufi, uNksz Nondumiso Khumalo, uthe efika ebuya esibhedlela wabe ebuza ukuthi uphi uZanokuhle, ufuna ukumkhombisa ingane yakwabo.
“Kuqale kwathiwa uhambe wayodlala nokuthe uma esebhekwa, kwavela ukuthi umasitende kamsolwa, uke wamthuma amaphilisi ezinhlungu esitolo,” kusho uMhlongo.
Uqhube wathi kugcine kubikelwa amaphoyisa, wabe esabalalisa ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bacela ukufuniswa umufi.
Uthe ngoLwesibili, behlangene ngalo udaba eduze kwesitolo, iChakalaka, kuqhamuke umasitende kamsolwa ethwele izandla ekhanda ethi: “Waze wangigila umfana, uthi ubulale ingane wayifaka ngaphansi kombhede.”
Uthe banikele khona endlini, nebala bayithola ingane ngaphansi kombhede.
Uqhube wathi bahlome ngemibuzo owesifazane owafika ngaye endaweni lona wesilisa, obayalele lapho kuhlala khona intombi yakhe (umsolwa).
“Sithe uma sifika kuyo, yathi akekho kuyona kodwa uke wayitshela ukuthi wenze into engadala ukuthi alahlekelwe yimpilo yakhe. Ugcine esiyalela umngani asondelene naye kakhulu, sanikela kuye,” kusho uMhlongo.
Uqhube wathi umngani ubatshele ukuthi umgcine ethi use-B&B eseHillview.
Uthe bathe uma befika khona, izisebenzi zakhona zathi wenze okungajwayelekile, ebhalisela ukuhlala isikhashana kodwa wabuye wahamba.
“Ngisole ukuthi kukhona okushaya amanzi ngalokhu, ngabampintshela ekutheni basikhombise igumbi abelibhalisile. Silithole likhiyiwe, sangqongqoza, wangavula. Kuthe uma umngani wakhe embiza ngegama, wasabela masinyane. Sibe sesingena ngendlovu iyangena, samxhakathisa, samyisa emaphoyiseni,” kusho uMhlongo.
“Unina wengane namanje akakholwa ukuthi ingane yakhe ibulelwe. Nomphakathi ushaqekile futhi udiniwe. Sithe uma simbuza umsolwa ukuthi uyibulaleleni ingane, wathi ingoba inqabile ukulala naye.”
Uthe bathole ukuthi ungowaseMacekane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMpangeni abophe owesilisa (33) ngecala lokuthumba nelokubulala.
“Uboshwe emuva kokutholwa kwesidumbu sengane (7) ngaphansi kombhede kamsolwa owaziwayo ngoLwesibili, eDumisani Makhaye,” kusho uNetshiunda.
Uqhube wathi umsolwa bekulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eNgwelezane ngoLwesine.