KUNINGI obekungacaci ngowesilisa ongufakazi ecaleni lokubulawa kwephoyisa okwenzeka ngoJuni 23, 2021.
UWarrant Officer Maqhawe Sithole (54) wadutshulwa ngabesilisa abangaziwa esigamekweni esenzeka eMachobeni, eNanda.
Washona esesibhedlela ngemuva kwezinsuku ezimbili. Esedutshuliwe waphucwa isibhamu ngabasolwa.
Ngemuva kwesikhashana, kwaboshwa umsolwa wokuqala, uMnuz Thembokwakhe Xulu (26) waseMayville eboshwa ngoJuni 29.
NgoJulayi 6, kwaboshwa umsolwa wesibili, uMnuz Nkululeko Ntuli (23) waKwaMaphumulo.
Izolo, eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma kulandwe uMnuz Siyaxola Manyoni (38) ongufakazi okuthiwa wayekhona ngelanga lesigameko.
Lo fakazi ubekhulumela phansi futhi ebonakala edidekile kakhulu futhi ethukile.
Kuze kwaba amahlandla evile kwamahlanu imantshi imnxenxa ukuba akhulumele phezulu.
Ehlohlwa ngemibuzo ngumshushisi uKaystree Ramsamujh, ubesho izinto ezingafani.
Uqale wathi ukukhumbula konke okwenzeka ngosuku lwesigameko, gwiqiqi wathi akulula ukuba akhumbule okuningi ngoba sekukudala.
Uthe kwakuyizithuba zabo-8 kusihlwa ngesikhathi esendlini yakhe kuhlaselwa umufi.
Uthe babili abantu ababona behilizisana nomufi, omunye wayemfishane, omunye emude.
Uthe wezwa kuqhuma isibhamu kudutshulwa umufi, wathi kodwa akabonanga muntu owakhipha isibhamu.
Uthe wabona kugcwele igazi emhlane kamufi wathi kodwa inxeba akazange alibone. Uthe esedutshuliwe umufi wasondela kuyena wambona ukuthi ulimale kabi emhlane.
Ebuzwa ukuthi angabakhomba yini abasolwa wathi angeke, into ayaziyo nje ukuthi oyedwa mude omunye mfishane.
Kwale noma esekhonjiswa izithombe zalapho okwenzeka khona isigameko.
Ubekhomba izindawo ezahlukene ezithombeni, imantshi imtshele ukuthi angatatazeli, enze isiqiniseko sokuthi ukhomba indawo eyiyo.
Namanje kakucaci ukuthi yini eyaholela ekutheni abasolwa babulale iphoyisa. Kusukela ngo-2021, bobabili basesitokisini. Umsolwa wokuqala uXulu wanqatshelwa ibheyili kwathi uNtuli wasilaxaza isicelo sebheyili.
Icala liyaqhubeka.