USHAQWE nomnikazi wejoyinti okuthiwa ubemthumile owesilisa waseBhukhanana eMpangeni, obanjwe nengalo kamakhelwane wakhe okusolwa ukuthi umbulele ngoMsombuluko.
Umufi, uMnuz Joseph Mchunu (58) kuthiwa uhlaselwe ngumsolwa wesilisa ekubo ebuya kophuza, wamnquma uqhoqhoqho, wabuye wamjumpula nengalo.
Kuthiwa umnikazi wejoyinti wubeyalele umsolwa wesilisa ukuthi abulale umuntu ophuza kakhulu utshwala endaweni, bese ebuya nekhanda lakhe ukuze kudlondlobaliswe ibhizinisi lakhe lokudayisa utshwala.
Kusolakala ukuthi owesilisa wehlulekile ukunqamula ikhanda, wagcina esezithathela isinqumo sokuthi abuye nengalo kamufi kumnikazi wejoyinti.
Induna yendawo, uMnuz Moses Sikhakhane ilandisa Isolezwe, ithe bona babizwe endaweni yesigameko emva kokufika kwamaphoyisa.
Uthe lokhu kwenzeke emva kokuthi umsolwa ehambe waya kubo nengalo kamufi, wafike wayikhombisa amalungu omndeni wakhe.
“Uthe kuwathusile lokhu, avele abiza amaphoyisa ngesikhathi yena esanikele ejoyintini lapho obekuthiwa akabuye khona nekhanda,” kusho uSikhakhane.
Uthe ngesikhathi efika ejoyintini amaphoyisa avele ababopha bobabili abathintekayo.
Uveze nokuthi ngaphandle kokwethuswa yisigameko, umphakathi awuphathekile kahle ngokukhishwa ngoshwele kwabantu abasuke beboshelwe amacala abucayi.
“Sisho ngoba umsolwa kuyaziwa ukuthi uyingozi. Wenza lokhu nje bekusaphele cishe inyanga eyodwa ekhishwe ngaphandle ngecala lokugwaza umuntu endaweni,” kusho uSikhakhane.
Uveze nokuthi njengoba esolwa ngokubulala uMchunu, kubikwa ukuthi bese kunabantu abathathu asebagwazile endaweni kusukela ebuyile ejele.
“Kusiphatha kabi ukubuyiswa kwabantu abayingozi, bazohlaliswa nathi emphakathini, singatshelwanga lutho ngabo thina siwumphakathi. Buka manje lo muntu usekhiphe isidumbu somuntu endaweni,” kusho uSikhakhane.
Imizamo yokuzwa ukuphawula komndeni iphunzile ngoba ucingo lukadadewabo kamufi belukhala lungabanjwa, lubuye lungene kwi-voicemail.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa abophe abasolwa ababili, owesilisa (33) nowesifazaane (48).
“Owesilisa ubhekene necala lokubulala umuntu, owesifazane ubhekene necala lokuhlanganisa itulo lokuthi kubulawe umuntu nelokutholakala nezicubu zomzimba womuntu,” kusho uConst Ngcobo.
Uthe umsolwa wesifazane uzovela eNkantolo yeMantshi yaseNgwelezane ngoMashi 27, owesilisa yena, osebuyiselwe ejele ngokwephula imibandela kashwele wakhe, uzovela ngoMashi 30.
Ukuqinisekisile ukuthi owesilisa ubengaphandle ngoshwele ngecala lokubamba inkunzi nelokushaya ngenhloso yokulimaza.