UTHUTHUMELE umphakathi waseLimehill, eMnambithi, ubabaza isihluku sowesifazane oboshwe ngemva kokusolwa ngokulengisa indodana yakhe eneminyaka emibili, yashona.
Ngokusho kwelungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa, isigameko senzeke ngoMsombuluko ebusuku.
Lilandisa Isolezwe ilungu lomphakathi, lithi amalungu omphakathi agasele endaweni yesigameko afica umfana elengisiwe endlini ewurawondi.
Lithi kusolakala ukuthi umufi ulengiswe ngunina okuthiwa ubanjwe ngenye yezingane zakulo muzi ngesikhathi ibuya esikoleni, yambamba oqotsheni esethi uyazilengisa.
“Kuthiwa ingane efunda uGrade 9, ifice umsolwa ephethe intambo esethi uyazikhunga naye. Kuthiwa imphucile intambo abehlose ukuzibulala ngayo,” kuchaza ilungu lomphakathi.
Liqhuba lithi umfundi, kuthe uma ezama ukuhlenga ingane wabona ukuthi seyithule futhi akusekho abengakwenza ukuhlenga impilo yayo.
“Ibe isiqala yazisa isalukazi sakulo muzi esesikhule kakhulu, ngaphambi kokuthi yazise omakhelwane,” kuchaza ilungu lomphakathi.
Lithe bezwe kuthiwa umsolwa ubeke wakhala ngendlala ngaphambi kokuthi alengise indodana yakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi ngoMsombuluko ngezithuba zawo-7 ebusuku, amaphoyisa aseKuvukeni, abizelwe endaweni yesigameko.
“Atshelwe ukuthi kunecala lokubulala elenzekile endaweni yaseLimehill. Athe uma efika endaweni yesigameko athola isidumbu somfana oneminyaka emibili silengisiwe,” kusho uLt Col. Gwala.
Uthe amaphoyisa abophe owesifazane oneminyaka engu-36 ngecala lokubulala kanti kulindeleke ukuthi namuhla avele eNkantolo yeMantshi yaseKuvukeni.
Abomndeni abatholakalanga ngesikhathi iphephandaba lixhumana nabo ngocingo ukuze baphawule, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.