UBANJWE nenkindlane yezincwadi zokuhambela amazwe, ezama ukuphuma eTanzania eya eKenya uThabo Bester, obefunwa uthuli.
UBester kuthiwa weqa ejele eMangaung, eFree State ngonyaka odlule. Kuthiwa uboshwe e-Arusha eTanzania kwase kuthunyelwa umbiko eNingizimu Afrika ukuthi yenze iminyakazo yokubabuyisa.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ehambisana nowezoBulungiswa, uMnuz Ronald Lamola, bakhulume nabezindaba izolo bechaza ngokubanjwa kukaBester.
UCele uthe baneqiniso lokhuthi uBester ubanjiwe ehamba nentombi yakhe, uDkt Nandipha Magudumana nomuntu othile waseMozambique.
Uthe umyalezo umfikele ebusuku ngehora leshumi, ebikelwa ukuthi sebebanjiwe uBester nabehamba nabo.
“Bekuhlatshwe umkhosi emazweni ahlukene ukuthi kufuneka laba bantu, abezokuphepha bathole ulwazi base beyabalandela. Babanjwe bephuma ehhotela eTanzania nenqwaba yezincwadi zokuhambela amazwe. Bese besondele ngamakhilomita ayishumi ukungena eKenya, behamba ngemoto emnyama enkulu,’’ kuchaza uCele.
UCele uthe uMnyango wezaseKhaya kufanele ubalekelele ukuzama ukuthola igama likaBester eliqondile ngoba ubesebenzisa amagama ehlukene. Uthe ubebuye azibize ngoMotsepe, azibize ngoKwelane noma uKwena nokwenza kungaqondakali ukuthi ungubani.
UNgqongqoshe wezoBulungiswa uLamola, uthe namuhla ithimba lakuleli lihamba namuhla libheke eTanzania, ukuyoxoxa nezikhulu zakhona ngokufanele kwenzeke. ULamola uthe kuzocaca lapho ukuthi kwenzeka kanjani futhi yimaphi amacala abathweswa wona.
UCele uthe sekucacaile ukuthi akulona iqiniso ukuthi uBester washonela ejele, emuva kokuzingqongqisa ngomlilo. Uthe uphenyo luveza ukuthi kunomuntu owabulawa kwenye indawo kwase kulethwa isidumbu sakhe ejele sashiswa.