KUPHELE amahlathi kubanjwa owesilisa osolwa ngokubulala intombi, isidumbu sayo wasifaka ophahleni lwendlu yakhe.
UThabo Silas Tsotetsi oneminyaka engu-40 owanyamalala ngemuva kokutholakala kwalesi sidumbu ubanjwe ngamaphoyisa aseBalfour.
Isidumbu sikaNosipho Caroline Mthombeni owayeneminyaka engu-34 ubudala, satholakala sesonakele ngemuva kwezinyanga eziyisithupha sifihlwe ophahleni lwendlu kaTsotetsi.
Umama wengane kaTsotesi nguyena owathola lesi sidumbu ngemuva kokuhlala kule ndlu isikhathi esingangenyanga.
Kuthiwa lo mama wengane wayelokhu ekhala ngephunga elibi futhi elixakile kodwa uyise wengane ezithele ngabandayo, emtshela ngamagundane afile.
Ngo-Okthoba 4, 2022, le ntokazi yabikela amaphoyisa ngalesi simo, lwaqala lapho uphenyo mayelana nephunga elalizwakala.
“Amaphoyisa ahlola isimo ukuze kucace ukuthi iphunga liqhamuka kuphi. Abhodloza isilingi okuyilapho athole khona isidumbu sigoqwe ngezimpahla.”
Kwabizwa abezimo eziphuthumayo ukuba bazolekelela ngokuhlola isidumbu. Kwatholakala ukuthi sesonakele kangangokuba babungasabonakali ubulili baso.
Kwasiza uhlobo lwezicathulo nopholishi wezinzipho ukucacisa ukuthi yisidumbu somuntu wesifazane.
Uphenyo lwamaphoyisa luwaholele eWitbank, ngoLwesihlanu, Ephreli 14, lapho abanjwe khona umsolwa.
UTsotetsi uvele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseBalfour, ngoLwesibili, kanti icala lakhe lihlehliselwe uMeyi 17, nonyaka, njengoba amaphoyisa asaqhubeka nophenyo. Lo mlisa uzogqunywa esitokisini aze abuyele enkantolo.