KUMPHAZAMISILE ezinhlelweni zakhe ukubhadla ijele iminyaka ewu-12, omunye weziboshwa ezintathu ebezidonsa iminyaka ewu-15 ngecala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe, esitolo seKFC esikwa-V eMlaza ngo-2011.
Bakhululwe ngesonto eledlule emva kokuthi iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ithole ukuthi bagwetshwa kungafanele.
UMnuz Ndumiso Xulu (30) nozakwabo uMnuz Bruce Khanyile (31) noMbuso Zulu (32), kuthiwa baboshwa ngo-2011 emva kwesigameko, bakhishwa ngebheyili ngo-2013 emva kokutoka iminyaka emibili.
Kuthe ngo-2016 iNkantolo yeMantshi yaseMlaza yabagweba iminyaka ewu-15 umuntu ngamunye. Bese kusele unyaka owodwa basiqede isigwebo.
Emva kokungenela kwenhlangano elwela amalungelo eziboshwa, iJustice for Prisoners and Detainees Trust nabameli okukhona kubo nabenkampani iMpungose Attorneys, inkantolo ifinyelele esinqumeni sokusichitha isigwebo badedelwa.
UZulu usadonsa ngelinye icala elingahlangene nabaliboshelwe, okuthiwa kulona wayegwetshwe iminyaka eyisithupha.
UXulu, elandisa Isolezwe njengoba enesonto engephandle, uthe wayeyisitshudeni eBerea Technical College enza i-Electrical Engineering ngesikhathi beboshwa.
“Kungiphazamise kakhulu ukuboshwa nakuba ngifike ngaphakathi ngavuka ngazithatha njengoba ngiqale phansi ngenza u-matric neziqu ze-Business Management.
Ngibuye ngaphandle sekwashona umama nogogo. Ingane yami engaboshwa ineminyaka emibili isangixwaya kakhulu. Nakuba kunjalo, ngibonga indlela amalungu omphakathi angemukele ngayo.
Nabafowethu engiboshwe senza nabo umculo, basekhona ngakho sesivele siqhubeka lapho sasigcine khona,” kusho uXulu.
Uthe beboshwa babesesitolo bezothenga ngesikhathi kungena abathile ababeyobamba inkunzi, balalisa phansi bonke ababekhona, okuthe uma beqeda babaleka. Wonke umuntu owayephakathi waphuma bagcina besele bobathu, okwathi uma kufika amaphoyisa avele athi yibona abababopha njalo.
UMnuz Thabani Mpungose, okhulumela inkampane yabameli, uthe zinkulu izindleko okungene kuzo laba, bezama ukuvezela inkantolo ukuthi akuhanjiswanga ngendlela.
“Kutholakele ukuthi kukhona okungahanjiswanga ngendlela ngesikhathi kwenziwa inkombane, akukho zibhamu abatholwa nazo, akekho okuthiwa walinyazwa endaweni yesigameko,” usho kanje.
Uthe ubudedengu obunjena abungenisi nje kuphela abasuke beboshiwe ezindlekweni kodwa bubuye kufake nohulumeni kwezinkulu izikweleti njengoba kusuke sekumele akhokhe inhlawulo ethile.
Uthe kulolu daba bazofuna inhlawulo engekho ngaphansi kuka-R20 million.