USUBIZELWE ePhalamende uMnyango wezaseKhaya ukuba uyochaza ngesamba sika-R52 million okuthiwa usetshenziswe ezinyangeni eziyisithupha kubuyiselwa abokufika abacela ku-19 000 emazweni abo.
Lokhu kuvezwe uMnuz Mosa Chabane ongusihlalo wekomiti elibhekele ukusebenza kwalo mnyango ePhalamende.
Lokhu kuvele emuva kokuthi i-Economic Freedom Fighters ibuze iPhalamende ngokusebenza kwalolu hlelo nokunye okuthinta abantu bokufika kuleli ngokungemthetho.
UChabane uthe beyikomiti basanda kuhambela isikhungo iLindela Repatriation Centre lapho kugcinwe khona abokufika ngokungemthetho abasuke bezobuyiselwa emazweni abo.
“Amalungu ekomiti elakhiwe amaqembu ehlukene azwakalise ukukhathazeka kwawo. Yingakho sifuna incazelo egcwele emnyangweni, uzochaza kabanzi ukuthi isetshenziswe kanjani le mali engaka,” kusho uChabane.
Uveze ingqinamba yokungena kwabokufika kuleli ngokungemthetho, wathi kumba eqolo uma sebebuyiselwa emuva.
UChabane usho kanje ngesikhathi ekhuluma nabeziko lezindaba i-eNCA ngempelasonto.
Uthe ambalwa amazwe okubalwa kuwona iKenya alekelelayo ngemali ekutheni kubuyiswe izakhamuzi zawo.
“Kumele kwazeke ukuthi kumba eqolo ukubuyisela emuva abokufika kusetshenziswa ibhanoyi nangamabhasi. Kuyakhathaza ngoba le mali kumele ngabe isetshenziselwa ukuphucula ukusebenza komnyango futhi kuqiniswe ezokuphepha emingceleni,” kusho uChabane.
Uhlaka oluqaphe imingcele, i-Border Management Authority (BMA), ivamise ukukhala ngokugqoza kwezinsiza kusebenza nabantu abaqapha imingcele.
Ifuna kwengezwe isabelomali ukuze kunqandwe labo abangena ngopotsho eNingizimu Afrika.
UChabane uncome umsebenzi owenziwa yi-BMA, wathi kunemithetho abazoyishaya ePhalamende ezophendula enkingeni yabantu abatheleka eNingizimu Afrika bengenazo izimvume.