BAFUNA ukukhulisa imakethe yemisebenzi yezandla yasemakhaya bayisabalalise nasemazweni aphesheya osomabhizinisi baseNkandla abasafufusa.
Labo somabhizinisi basho kanje emcimbini wombukiso wezandla obuseNkandla Indoor Sport Centre izolo. UNksz Thabisile Ntombela waseNhloyana kuWard 6, waphelelwa umsebenzi ngesikhathi sobhubhane lweCovid-19, namhlanje usewusomabhizinisi owenza izikhwama zomtakabani. Kuleli bhizinisi wabona kugcono asebenze namalungu omndeni wakhe ngenxa yokuswela umsebenzi.
"Ngacela usizo kumngani owenza lo msebenzi kanti abantu bazowuthanda. Ngithunga noblankethi bezingane, ngenza nemihlobiso yokhiye. Zikhona nezingqinamba zemishini efanele engisadinga usizo lwayo kodwa umasipala uyasisiza ngokusiveza kubantu," kusho uNksz Ntombela.
UNksz Hlobisile Khumalo weSizanani Huts waseSinqobile, uthe bangamalungu awu-37 asiza intsha ukuthi ifunde amakhono okwenza ubuhlalo, izinto zelala, ukuthunga nokunye okuningi.
"Sibafundisa mahhala ukuze bakwazi ukudayisa baziphilise nokwenza sigcine sisebenzisa ubuhlalo obuningi busishodele. Sifisa ukukhula sikwazi nokuyodayisa emadolobheni amakhulu ngoba iningi imakethe khona. Lo mcimbi sifisa ukhule ngoba uzokwazi ukusiveza kubantu," kusho uNksz Khumalo
UNksz Nomalungelo Nkabinde ungomunye wabesifazane abakhulisa osomabhizinisi abaningi ngokuhambela imibukiso ehlukene emaketha imisebenzi yabo. Akagcini lapho, uphinde abalekelele ngokuthenga eminye yemisebenzi yabo ayoyidayisa emibukisweni ehlukene.
"Kuyasisiza kakhulu ukungena emibukisweni kamasipala futhi nosekhaya ukwazi ukuthola isinkwa ngokuthi adayise umsebenzi wakhe. Siyafisa ukukhula nombukiso kamasipala ukwazi ukusabalala usifake kwezinye izindawo," usho kanje.
IMeya kaMasipala, uMnuz Mbhekiseni Biyela, ithe bafuna ukuqinisekisa ukuthi ayasimama amabhizinisi endawo ukuze abantu bezosebenza ngokubambisana.
"Silwa nokuthi abantu balindele ukuqashwa kodwa bangene kulo mkhakha wamabhizinisi. Ukuzisebenza kunothile futhi kuyawuthuthukisa nomnotho wendawo nokwenza silokhu sivakashela umphakathi sibheka izinsiza ezingasiza ukugcina la mabhizinisi esebenza," kusho uBiyela.