NGOKUSHO kwamalungu omphakathi, kuthiwa liziphephise ngokuzinikela esiteshini samaphoyisa liyobhaca khona libalekela ulaka lwawo (umphakathi) obulifuna uthuli, ikhehla laseMpophomeni, eHowick, okuputshuke i-video lizithokozisa ngocansi nentombazane okukholakala ukuthi ineminyaka engaphansi kuka-16.
Lesi sigameko esenzeke ngeSonto, kuthiwa umphakathi waseMagwababeni, eMpophomeni, uvuke umbhejazane wanikela emzini wale ndoda (igama layo eligodliwe emva kokuthi ingatholakalanga ukuthi iziphendulele) okuvele ukuthi ineminyaka eyevile ku-60, emva kokuthi kuthe ngoLwesihlanu, kwaputshuka i-video yayo izitika ngocansi nomfundi yasabalala ezinkundeni zokuxhumana.
Ilungu lomphakathi elihlala khona endaweni elingathandanga kudalulwa lilandisa Isolezwe, lithe ngendlela le ndoda ebithenjwe ngayo emphakathini, kuwethusile ukubonakala kwe-video yayo yenza amanyala.
“Uwumuntu ozihlalela yedwa kubo, kanti bakhona abebembuza ukuthi njengoba esekhulile kungani engethathi unkosikazi kodwa ubelokhu engena ezintangeni kanti yena uyazi ukuthi wenzani. Izingane zethu zamantombazane ezincane aziphephile, besifisa ukuthi aboshwe ajeze ngoba lesi senzo sifaka indawo yangakithi ehlazweni,” lisho kanje.
Ilungu lomphakathi lithe akaqali ukunukeka ezenzweni zokunukubeza ngokocansi izingane ezincane njengoba kuyisigameko abeke wasoleka ngaso eminyakeni eyishumi eyedlule lapho wayesolwa ekunukubezeni ezabafana kodwa icala elalivuliwe lagcina liphela.
Kwi-video, Isolezwe eliyibonile, kubonakala owesifazane osemncane ngeminyaka ebusweni engakhombisi ukuthokozela okwenziwa kuye ngesikhathi lo wesilisa emphenduphendula, okwenza amanye amalungu omphakathi asole ukuthi kungenzeka kwakungayona intando yakhe kodwa wayeyikhohlise ngokuyinika okuthile.
Nakuba kunjalo, elinye ilungu lomphakathi liveze ukuthi ngesikhathi kuhlaselwa le ndoda, owesifazane uveze ukuthi bayathandana waphinde wagxeka umphakathi ngokugxambukela ezindabeni zabo. Kuthiwa ngesikhathi eziphendulela owesilisa, uveze ukuthi owesifazane uneminyaka ewu-20 futhi unawo umazisi wakhe oveza lokho, okuyinto eshayisanayo nokushiwo wumphakathi. Kuthiwa uphinde waveza ukuthi baneminyaka emithathu bethandana futhi kuyaziwa nakubo.
Ecacisa ngokusabalala kwe-video yabo bezitika ngocansi, kuthiwa uthe ulahlekelwe yiselula yakhe ngoLwesihlanu, usola ukuthi abayitholile yibona abasabalalise le video, okuyikhona okumdonsele amanzi ngomsele. Nakuba kunjalo, kuthiwa ukuqinisekisile ukuthi yayithathwe ngokuvumelana nathandana naye, okuqinisekiswe nawukuthi owesifazane aveze ukuthi alikho icala azomvulela lona.
Elinye ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe, lithe bakholwa ukuthi intombazane isadungeke umqodo futhi okubuhlungu ukuthi kwi-video esabalele, ayisetshenzisiwe ikhondomu okubeka impilo yengane engcupheni.
Imizamo yokuthola izinombolo zalaba bobabili noma izihlobo zabo ayiphumelelanga
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Robert Netshiunda, uqinisekise ukuthi kalikho icala elivulwe emaphoyiseni aseHowick, nawaseMpophomeni.