AYIVUMI ukuya ejokeni ecaleni likaMfundisi uTimothy Omotoso waseNigeria, oboshelwe amacala okunukubeza njengoba esephinde wafaka isicelo sokuthi kuchithwe amacala. Udaba luka-Omotoso belungenile eNkantolo eNkulu eGqeberha, e-Eastern Cape.
U-Omotoso, ongumholi webandla iJesus International Dominion ulokhu ebhadle ngaphakathi ejele sekuphela iminyaka eyisihlanu manje.
U-Omotoso waboshwa ngo-2017, noLusanda Sulani (41) noZikiswa Sitho (33), kanti babhekene namacala angu-32. Isibalo samacala sehliswa sisuka ku-63 emuva kokuthi abanye ofakazi bethe sebeqhubeka nempilo yabo bona, abasayingeni indaba yokugqigqa inkantolo.
Icala selibambezeleke kakhulu ngenxa yezicelo zabamangalelwa ezingapheli, becela kushenxe ijaji becela nokuthi kushintshwe abashushisi.
Phambilini, u-Omotoso ubefake isicelo sokuthi kuchithwe icala, ekhala ngokuthi uMbuso wenze izinto eziningi ezijivaze amalungelo akhe kodwa sachithwa isicelo.
Njengoba kade egcina ukuvela enkantolo, ithimba labameli bakhe libikele inkantolo ukuthi kukhona okusha abeza nakho. Batshele inkantolo ukuthi kunohla lwezinto ezenziwe wuMbuso ezingafanele nabazoma ngazo uma sebefaka isicelo.
Bacela ijaji ukuthi lisibheke kabusha isinqumo sokuchitha isicelo sabo ngoba sekukhona okusha abafisa kubhekwe. Okhulumela i-NPA e-Eastern Cape, uthe bewuMbuso bebezimisele ukuqhubeka necala emuva kokuthi kuchithwe isicelo.
Kuthiwa u-Omotoso wayehlelela abagilwa bakhe ukuthi bamvakashele emahhotela koThekwini, phesheya ko-Israel naseNigeria. Kuthiwa kwakungamalungu ebandla, abanye besebenza khona, okwakuthi uma befika emahhotela abayengele embhedeni.
Kuthiwa kwakushawa imithetho yokuthi bacime amaselula bawashiye ngaphandle bese bengena lapho abagile imikhuba yocansi. Kuthiwa wayebuye abafake endlini eyodwa balale khona bese elokhu emema ngamunye ekamelweni.
Icala lizobuyela enkantolo ngoJanuwari 16, 2024, lapho okulindeleke ukuthi kuzwakale kabanzi ngesicelo sika-Omotoso.