UCWANINGO lwakamuva luveza ukuthi u10kg wesaka lika-anyanisi usubiza uR149.29 okusho ukuthi usubiza ukudlula isaka lamazambane eliwu R93.50.
Lolu cwaningo olwenziwe yinhlangano ebheka isimo senhlalo nentengo yokudla iPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group (PMBEJD), luthi igilosa yomndeni isibiza uR5 071,59 kule nyanga isuka kuR5 023,95 ebibiza wona ngo-Ephreli.
U-anyanisi ubalwa ekudleni okunyuke ngo-5% okukhona kukho ukherothi, ibutternut, ubhanana nama-stock cubes.
Okunye ukudla kunyuke ngentengo engaphezu kuka-2% okubalwa impuphu, usawoti, u-curry powder, isobho, itiye, ubisi, amaqanda, amanqina enkukhu, amaphisisi enkukhu, izibindi zenkukhu, isipinashi, u-polony ne-peanut butter.
Lokhu kusho ukuthi isaka eliwu 30kg lempuphu selibiza uR326,20 lisuka kuR315,79 amaqanda awu-60 asebiza uR129,79 esuka kuR125,53 abebiza wona ngo-Ephreli.
U-10kg wamaphisisi enkukhu usubiza uR399,25 usuka kuR397,76 akade ebiza wona ngo-Ephreli.
UMnuz Mervyn Abrahams obhekele izinhlelo zokusebenza kwePMBEJD, uthe abantu basazothwala kanzima ngoba ukudla kuyabiza, iBhange loMbuso linyuse imali mboleko kanti nomasipala basazonyusa intengo kagesi neyamanzi. Lokhu kusho ukuthi izindleko zabo zisazobiza.
Ukhale ngokuthi imindeni eminingi ayikwazi ukumelana nezindleko zempilo kwazise leyo enabantu abasebenzayo bahola ngokohlelo lwe-minimum wage ewu-R4 473,92 ngenyanga.
Uthe umholo womuntu oyedwa wondla abantu abane kuya phezulu.
Abasebenzi uthe bachitha u-53% womholo wabo emalini kagesi neyokugibela bese esele ithenga ukudla, izimonyo nezinye izidingo.
Abesifazane uthe bathwele kanzima njengoba iningi labo lingasebenzi futhi izingane zifuna kubona ukudla.
Ugqugquzele uhulumeni ukuthi anyuse isibonelelo sezingane ngoba ukudla okunomsoco kwezingane kubiza uR901,19 kodwa uhulumeni uholela omama isibonelelo sikaR500.