UZOQINISA isandla kubantu abasebenzisa imigwaqo uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal ukugwema izingozi zomgwaqo.
Lokhu kuvezwe uMphathiswa walo mnyango, uMnuz Siboniso Duma, izolo, esithangamini nabezindaba emahhovisi ezeMisebenzi yoMphakathi eMayville.
UDuma ubize lesi sithangami kulandela ukufa kwabangu-21 ezingozini ezintathu ezenzeke ezindaweni ezehlukene esifundazweni ngoMgqibelo.
UDuma uthe bazoqasha abantu abangaphezu kuka-600 abazosebenza ngaphansi kwohlelo i-Rural Roads Transport Forums.
Uthe phakathi kwezinye izinto ezizokwenziwa yilaba, ukuqinisekisa ezokuphepha emigwaqweni esezindaweni ezisemakhaya.
“Bazokwenza nemikhankaso lapho bezogqugquzela baphinde bafundise ngezokuphepha ezindaweni ezehlukene. Lokhu bazokwenza kuze kuphele iminyaka eyisihlanu,” kusho uDuma.
Uqhube wathi bazokwandisa nezivimbamgwaqo ubusuku nemini ezindaweni ezehlukene lapho amaphoyisa azobe engahleki engathi nsi, kubashayeli abephula imithetho yomgwaqo.
“Amaphoyisa ngeke abe nomusa kulabo abaphula umthetho,” kusho uDuma, othe uphenyo lwabo kuveza ukuthi izingozi ezinyantisa igazi zivame ukwenzeka ngezimpelasonto nasebusuku.
Edlulisa amazwi enduduzo emindenini yabashonile uthe, sebehlanganise ithimba lezikhulu ezinesipiliyoni, ukuthi livakashele imindeni ukusuka izolo.
“Siyaqonda ukuthi umndeni ngamunye unezidingo ezingafani, ngakho sizozwa kuyona imindeni ukuthi ifuna ukusizwa ngani. Sizoqinisekisa ukuthi umnyango uyayilekelela imindeni ezinhlelweni zemingcwabo,” kusho uDuma.
Ugqugquzele ukuthi kwenziwe imikhuleko ezindaweni ezehlukene njengoba ethe leli sonto balithatha njengesonto lokuzila esifundazweni ngokugubuzelwa yifu elimnyana ngezingozi ezenzekile.
Ezingozini ezenzekile, kukhona eyenzeke emgwaqweni u-R66, phakathi kweMooi River neGreytown lapho okufe khona abangu-12.
Kube eyenzeke ku-R74 lapho okusho kungqongqe khona amalungu e-MK ayisithupha abesendleleni eya emzini kaMengameli waleli qembu, uMnuz Jacob Zuma eNkanda, njengoba bekunomcimbi wokubungaza inkosikazi yakhe endala, uNkk Sizakele “MaKhumalo” Zuma.
Bese kuba eyenze KwaDukuza, lapho okufe khona abathathu.
UDuma uthe uphenyo lokuthi yini ebe yimbangela yalezi zingozi, lusaqhubeka, wathi kusesekuseni kakhulu ukuthi kungashiwo ukuthi kube yini imbangela.