BAZOKWAZI ngoMsombuluko ukuthi bayayithola ibheyili noma bazoqhubeka babhadle esitokisini, kuze kuphothulwe ukuqhulwa kwecala abayisihlanu abasolwa ngokusiza uThabo Bester, ukuthi eqe ejele.
BAZOKWAZI ngoMsombuluko ukuthi bayayithola ibheyili noma bazoqhubeka babhadle esitokisini, kuze kuphothulwe ukuqhulwa kwecala abayisihlanu abasolwa ngokusiza uThabo Bester, ukuthi eqe ejele.
Lokhu kwenzeka ngemva kokuthi ngoLwesithathu iNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein, ikuhlehlisele uMsombuluko ukukhishwa kwesinqumo ngesicelo sebheyili.
Abameli babasolwa bebesonga izethulo zokugcina, baphendula nemibuzo yomshushisi wumbuso ngabakuveze ngesikhathi benza izethulo zabo, befaka isicelo sebheyili.
Phakathi kwezimpendulo, yileyo kaMnuz Katlego Moruri, ongummeli kamsolwa wokuqala uMnuz Senohe Matsoara, nomsolwa wesikhombisa uMnuz Tieho Makhotsa.
UMoruri uthe ukuthi amakhasimende akhe azilethile phambi kwenkantolo izincwadi zawo zokuhambela kwamanye amazwe (ama-passport) lokho kusho ukuthi ngeke abalekele kwamanye amazwe, uma enikezwa ibheyili.
Ubephendula umbuzo wombuso wokuthi kungani ezethulweni zakhe engakuvezanga ukuthi abasolwa bake baya eLesotho?
UMnuz Masilo Koenane, ongummeli kamsolwa wesithupha uMnuz Mutenyane Masukela, noMnuz Gary Botha ongummeli kamsolwa wesishiyagalombili uNksz Anastassia Jansen, bebegxile emaphuzwini okuthi amakhasimende abo anezingane azibhekile, ezingaphazamiseka uma begqunywa esitokisini kuze kuphothulwe icala.
Umbuso uzame ukukuhlaba lokho wathi isizathu sokuthi umuntu uhlala nezingane zakhe akusho ukuthi uyazondla kepha kuchithwe masinyane abameli, besho ukuthi empeleni izingane zabasolwa zondliwa yibona.
Abafaka isicelo sebheyili ngoMnuz Senohe Matsoara, Teboho Lipholo, Motenyani Masukela, Tieho Makhotsa noNksz Nastassja Jansen.
Baboshwa kulandela ukweqa kukaBester ejele laseMangaung, obesetanase ngaphandle izinyanga, kucatshangwa ukuthi washa wangqongqa egunjini lakhe ngemuva kokuqubuka komlilo.
Abamangalelwa abasebenza ejele basolwa ngokusiza uBester ukweqa. Uphenyo lwaveza ukuthi isidumbu esatholakala sishile egunjini likaBester, kwakungesona esakhe.
UBester nokuthiwa intombi yakhe uDkt Nandipha Magudumana, baboshwa ngamaphoyisa eTanzania.
Enkantolo bekukhona nomndeni kaKatlego Bereng, okugcine kuvela ukuthi yisidumbu sakhe esashiswa esitokisini okwakuboshwe kuso uBester, ukuze kubukeke sengathi ushonile kanti badida umkhondo.