I-IFP KwaZulu-Natal, ikhala ngokuxhashazwa kwemali yabakhokhi bentela, ethi kwenziwa wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu esifundazweni.
Lokhu kwenzeka ngemva kwesinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, esichitha okwesikhashana ukuxoshwa kwamakhansela ayisishiyagalolunye, kuMasipala uMvoti.
Amakhansela athintekayo ayisishiyagalombili ngawe-IFP, nelilodwa le-ABC, abemisiwe emsebenzini ngemva kokulova emihlanganweni yamakhansela izikhawu ezintathu kulandelana. Kuthe emasontweni amabili adlule uNgqongqoshe woMnyango uNkk Bongi Sithole-Moloi, wabhalela ikhomishini ebhekele ukhetho i-Independent Electoral Commission, eyazisa ngezikhala zamakhansela ezivulekile kulo masipala.
Le khomishini inqume ukuthi ukhetho lokuchibiyela emawadini amane ngaphansi kwalo masipala lube ngoDisemba 6, kanti ngemva kwesinqumo senkantolo kungenzeka kube nengwijikhwebu.
USotswebhu we-IFP esiShayamthetho sesifundazwe uMnuz Blessed Gwala, uthe kuyabakhathaza ukuthi umnyango uyaqhubeka nokuchitha imali yabakhokhi bentela ngokukhokhela ezomthetho emacaleni asezinkantolo, lapho ongaphumeleli kuwo kuzomele amelane nomasipala abaphethwe yi-IFP, namakhansela ayo.
“Siyi-IFP kuyasikhathaza ukuthi uNkk Sithole-Moloi usebenzisa ngendlela okungesiyo amandla akhe, ngokuzama ukuphendukezela umthetho ukuze uvune iqembu lakhe lezepolitiki ne-ABC. Kubukeka sengathi uzama ukuthi kungabibikho uzinzo kulo masipala ophethwe yi-IFP,” usho kanje.
Ngokwamaphepha asenkantolo, iJaji uPieter Bezuidenhout lithe ngokwezethulo ezenziwe enkantolo, udaba luyaphuthuma ngoba sekuvele kunencwadi ebhalelwe abakwa-IEC, ngenyanga edlule. Kuzothi uma iqala ukulungiselela ukhetho lokuchibiyela ngenxa yokuxoshwa kwamakhansela, kubhubhudleke imali budedengu uma isicelo sokuthi kubuyekezwe ukuxoshwa kwawo siphumelela.
“Ukuziphatha kukaMavundla oyingxenye yekomiti (lomkhandlu wamakhansela), ukuthi abikele ungqongqoshe ukuthi kuxoshwe ummangali, kumele kubukwe njengokungekho ubulungiswa nokudweba isithombe esingalungile,” kuchaza uBezuindehout.
Lesi sinqumo siveza ukuthi uNkk Sithole Moloi ongummangalelwa wokuqala, akahambisanga ngendlela ngoba amakhansela axoshwa enganikezwanga ithuba lokwenza izethulo zawo ngaphambi kokukhishwa kwesinqumo. Udaba luzolalelwa ngoNovemba 10.
UMnuz Thabani Ngwiri, okhulumela i-Independent Electoral Commission esifundazweni, uthe akukho abatshelwe khona ngokuqhubeka kokhetho lokuchibiyela, ngakho usuku olubekiwe lusamile.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu esifundazweni, uMnuz Siboniso Mngadi, uthe bayasithobela isinqumo senkantolo, njengoba kuvela ukuthi isinqumo sokuxoshwa kwamakhansela sisabuyekezwa yiNkantolo eNkulu eMgungundlovu.