SIYISIQALO esikhombisa ukuthi izibhedlela kumele zibenjani uma sekuqale ukusebenza komshuwalense wezempilo wakuleli, iNational Health Insurance (NHI), isibhedlela esisha esivulwe KwaMashu, ngoLwesihlanu.
UMengameli Cyril Ramaphosa, ovule isibhedlela iDkt Pixley ka Isaka Seme Memorial, uthe lesi sibhedlela esingesokuqala esisezingeni laso kuleli, sizogxila ekunakekeleni impilo eyisisekelo yeziguli, iPimary Health Care okuyinto ehambisana neNHI.
"Izibhedlela ezizokwakhiwa ngesikhathi esizayo kuleli kumele zibe njengalesi ukuze sikwazi ukulawula izifo, ikakhululazi izifo ezingathathelani ezihlasele ngamandla emphakathini. Kunezifo ezifana nomdlavuza, izifo ezithinta izinkinga zokuphefumula, izifo ezithinta isibindi nezinye ezidala ukucindezeleka kwezikhungo zezempilo, ngenxa yokuthi bayanda abantu abahlaselwa ilezi zifo abafika ezikhungweni zezempilo izifo sezihambe kakhulu emizimbeni yabo. Lesi sibhedlela sinemishini esezingeni eliphezulu ekwazi ukuhlonza izifo ngokushesha, ukuze kuliwe nazo. Ngitshelwe ukuthi kuthatha imizuzu engu-15 kuphela ukuthi kuphume imiphumela yokuhlolwa kweX-Ray," kusho uRamaphosa.
URamaphosa ubonge owayenguNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Zweli Mkhize ngokuba nombono wokuthi kwakhiwe lesi sibhedlela.
"Ngiyazi kuthathe isikhathi eside ukuthi sakhiwe kodwa kungcono ukuthi into ithathe isikhathi ukwenziwa kunokuthi ingenziwa nhlobo. Sibonga nabanye ongqongqoshe abalandela emuva kwakhe ebelokhu behamba kuwo lowo mbono okuphethe ngokuthi size siphothulwe ukwakhiwa," kusho uRamaphosa.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Joe Phaahla, uthe ukuze lesi sibhedlela sakhiwe sibe kuleli zinga elikuso bekudingeka ukuthi kube namasu azolandelwa, okubalwa ukubambisana phakathi koMnyango wezeMpilo esifundazweni nokazwelonke ukuze kuphume uR2.7 billion wokwakha lesi sibhedlela.
UPhaahla, uthe nakuba ziningi izigqinamba ezibhekene nomkhakha wezempilo ikakhulukazi ekwelashweni kwegciwane lengculazi, iKwaZulu-Natal ihamba phambili ngokuba nezinhlelo ezisebenzayo zokwelapha leli gciwane.
"Ezifundeni ezingu-15 ezenza kahle ekwelashweni kwegciwane lengculazi kuleli, ezingu-10 ezakulesi sifundazwe, okusitshela ukuthi lesi sifundazwe siyasebenza yize siyifundazwe sesibili esinabantu abaningi abahaqwe igciwane lengculazi," kusho uPhaahla.
UNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe ukwakhiwa kwalesi sibhedlela KwaMashu kukhombisa ukuthi izikhungo ezisezingeni eliphezulu ziyakhiwa nasezindaweni ezihlala abantu abamnyama.