KUNTWELA ezansi kwabalinde izimpendulo zokuchithwa wuxhaso yisikhwama, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), njengoba sebembalwa abalindile.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, ephendula umbuzo welungu le-EFF ePhalamende.
UMnuz Mandla Shikwambana we-EFF ubuze ukuthi luphothulwa nini uhlelo lokuphendula labo abachithwa yilesi sikhwama ekutholeni uxhaso base befaka izimangalo.
Ubuze nokuthi njengoba babebalelwa ku-90 000 abafaka lezi zimangalo, bangaki abasele njengoba ususongwa unyaka ezikhungweni zemfundo ephakeme.
UDkt Nkabane uthe iNSFAS yathola izimangalo ezingu-103 071.
Uveze ukuthi u-84% wazo usuwenziwa kanti kusele kuphela u-16% ongakaphothulwa.
“Kusele ezingu-16 419 ezingakaphothulwa ngale nyanga. Kulezi ezingu-8 930 okulindwe ukuthi izikhungo zilethe ulwazi oluveza ukuthi zaphasa ngonyaka odlule. Ezingu-1 375 ezidinga ukuthi izitshudeni zilethe olunye ulwazi ukuze ziphothulwe, ezinye zisezigabeni ezehlukene njengokuthi kulindwe isinqumo sokuthi zixhaswe noma zingaxhaswa.”
Uthe kulezi ezidinga ulwazi olwevile kwizitshudeni, zivala namhlanje.
Ezinye ezidinga ukuthi kungenelele abathile, uveze ukuthi zivalwa ngo-Okthoba 18, 2024.
Ephendula imibuzo ePhalamende kuleli sonto, uDkt Nkabane uthembise ukuthi bagijima ngamandla ukuxazulula izinselelo ezibhekene neNSFAS.
Uthe bafuna kuthi kuqala unyaka zonke izinto ezithinta lesi sikhwama zibe sezilungisiwe.
Ubalule neyokuqokwa kwebhodi elisha lalesi sikhwama, elizobe seliqoka izikhulu ezizosilawula.
Umnyango wafuna kuphakanyiswe amagama abantu abazoba ngamalungu aleli bhodi.
Kula malungu kufuneka abantu abancwadile, abasemkhakheni ehlukene yempilo ukuze kulungiswe izinkinga ezihlale zigabhe lesi sikhwama.
Ihlale iyindaba egudwini njalo uma kuqala unyaka eyokuphuza ukuphendulwa kwezitshudeni ezisuke zifuna uxhaso kulesi sikhwama.
Lezi zinkinga zidala ukuthi izitshudeni zingazi noma ziqhubeke zifunde noma zingafundi ngenxa yokuthi zisuke zingazi ukuthi kwenzakalani.
Ekuqaleni konyaka kube nezinkinga omastende bejikijela emnyango lezo zitshudeni ebezingakhokhelwe yiNSFAS.