ITHIMBA labatshuzi lithole ezinye izidumbu ezine zabantu abamuka neveni ngeSonto ebusuku, bebuya emcimbini eMnambithi.
Lokhu kuqinisekiswe wuMnyango wezokuThutha ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, izolo, okwenza zibe ngu-10 izidumbu ezitholakale esibhicongweni sezikhukhula eMnambithi.
Kuthiwa abantu abayisishiyagalolunye ababehamba ngeveni emgwaqweni uN11, bebebuya emcimbini eMabhekazi. Bagugulwa amanzi ayechitheke emfuleni iBellspruit ayegcwele umgwaqo.
Okhulumela umnyango, uMnuz Siboniso Mngadi, uthe njengamanje kuqalwe uhlelo lokuhlolwa kwezidumbu esezitholakele.
“Lokhu kwenziwa ngokuhlanganyela nayo yonke imindeni okuye kwabikwa khona ukuthi kunabantu abanyamalele. Bayisithupha abantu abangakatholakali abasafunwa,” kusho uMngadi.
Uqhube wathi luyaqhubeka uhlelo lwabo lokutakula olwenziwa abatshuzi abavela ezinhlakeni ezehlukene eMnambithi.
UMngadi uthe umphathiswa womnyango udlulisa amazwi enduduzo emindenini eshonelwe ngalesi sikhathi.
Uthe uhulumeni uzibophezele ukweseka yonke imindeni okuhlanganisa nokululeka ngokwengqondo labo abashonelwe.
“Uhulumeni uzongenelela nangesikhathi kwenziwa izinhlelo zokungcwaba abashonile. Ungqongqoshe ubonge nokuthi kwandiswe abatshuzi ukuze kuqinisekiswe ukuthi bonke abamukile bayatholakala,” kusho uMngadi.
Kuvela ukuthi amalungu omndeni abebuya emcimbini ebusuku eselubhekise ekhaya kanti azovelelwa yile nhlakelele.
Kuthungathwe kwatholakala izidumbu ezintathu ngoKhisimusi. Kukhona nabanye ababekade behamba ngezimoto ezangena ogibeni olufanayo ngalobu busuku.
Abanye abagileka ngabantu abebekade beqashe ezindlini ezingezansi kwalo mfula okuthe uma udla izindwani bathinteka.
Nasemfuleni iMasende, eMandeni, kwamuka ababili kodwa kwagcina kutholakale oyedwa.
Abatakuli bakhale ngesimo sezulu esiqhubeka nokuba simbi KwaZulu-Natal ukuthi senza ubenzima umsebenzi wokuthola ngokushesha abamukile.
Abantu baseMnambithi abebekhuluma neNewzroom Afrika babonge ukwandiswa kwamathimba abatakuli kule ndawo nabathe babona ukuthi kube nomthelela ekutholweni kwalezi ezinye izidumbu.