SITHOLWE silaxazwe osebeni lomfula obudebuduze nakubo, isidumbu sentombazane eneminyaka eyisishiyagalombili obese kuphele amasonto amathathu kwabikwa ngokunyamalala kwayo.
USinethemba Ngcece, obefunda u-Grade 3 eMakhoso Primary eMthwalume, wayegcine ukubonakala ngoSepthemba 1, ephuma esikoleni kanti kuthe ngoLwesihlanu ntambama, isidumbu sakhe okuthiwa bese siqala ukonakala satholwa ngabafana emhlangeni ocinene ogudle usebe lomfula.
Kuthiwa ubesagqoke umfaniswano ayewugqoke ephuma esikoleni kanti izimpahla zangaphansi bezingekho okwenza kube nezinsolo zokuthi uqale wadlwengulwa ngaphambi kokuthi abulawe.
Okhulumela amphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eHibberdene.
“Kunezinsolo zokuthi umgilwa wabulawelwa kwenye indawo, isidumbu sakhe sazolaxazwa kule ndawo eseduzane kwakubo, njengoba kuqapheleke ukuthi isikhwama sakhe sezincwadi besingekho ngesikhathi kutholwa isidumbu, ” kusho uNetshiunda