SITHOLWE ngabenza umsebenzi wokuhlenga ababhukudayo e-South Beach eThekwini, sintanta emanzini isidumbu sesitshudeni saseDurban University of Technology (DUT) obekubikwe ngokunyamalala kwaso emasontweni ambili edlule.
USiyabonga “Gqimu” Mathebula (27) obenza unyaka wokugcina kwi-Holticure, kuthiwa ubegcine ukubonakala ngoSepthemba 5 ntambama, ephuma endaweni okuhlala kuyo izitshudeni zaseDUT ekhona eSouth Beach. Isidumbu sakhe kuthiwa sitholwe emva kwezinsuku ezine enyamelele.
Phambilini, ngesikhathi Isolezwe likhuluma nodadewabo kaSiyabonga uNksz Zandile Dlamini kusathungathwa umufi, uveze ukuthi umshayele ucingo umoya wakhe uphansi esonga nangokuzibulala. UNksz Dlamini akathandanga ukwanda ngamazwi ngokuyimbangela yokukhathazeka kukamnewabo kodwa uveze ukuthi ukukhathazeka kwakhe kuncike ezintweni ezithinta umndeni.
Kuthiwa ngaphambi kokuhamba, ushiye iselula yakhe endlini ahlala kuyo nezinye izitshudeni ivaliwe nepheshana okuthiwa belibhalwe i-password yokuyivula, kwabhalwa kulo nenamba yocingo kadadewabo uNksz Dlamini, okuthe uma ozakwabo ahlala nabo bebona engabuyi lapho ahlala kuyo, bazisa umndeni ngokunyamalala kwakhe.
UNksz Dlamini ukuqinisekisile ukuthi umfowabo utholwe engasekho, wacela ukuphinde athintwe njengoba eveze ukuthi kusaduma amakhanda kubona bewumndeni ngenxa yalesi sehlo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa asePhoyinti avule idokodo lophenyo ngokufa komuntu, ngemva kokutholakala kwesidumbu sowesilisa sintanta emanzini.