USUBEKE lonke ithemba lawo emaphoyiseni umndeni wesitshudeni saseDurban University of Technology (DUT) ebesilahlekile, isidumbu saso esitholwe emakhazeni kahulumeni izolo.
USiyanda Shazi (26) obenza unyaka wesithathu ezifundweni zeTourisim Management eDUT kuthiwa wanyamalala ngo-Ephreli 27, endaweni yokucima ukoma enkabeni eTheku.
Kuthiwa ngosuku alahleka ngalo, wayekade ekhishwe ngesidlozana amabouncer aseParadise Action Tavern ngasemgwaqweni uSt Georges, kade esolwa ngokulwa ngaphakathi.
Ngokusho kukanina kamufi, uNkk Thuli Shazi, uSiyanda utholwe emakhazeni kahulumeni ePhoenix, izolo.
“Sisuke ekhaya (eSikhaleni, eMpangeni) sizitshela ukuthi sizoyobuka amakhamera kule ndawo yokucima ukoma agcina ukubonakala kuyo ngosuku anyamalala ngalo. Kodwa sithe uma sifika eThekwini, umseshi wecala wathi asiye emakhazeni kahulumeni ePhoenix siyocinga, nokuyilapho esigcine simthola khona,” kusho uNkk Shazi.
Uthe abasakutholile okwamanje ukuthi watholwa ephonswe eMtateni eseshonile, wayiswa emakhazeni kahulumeni.
Uveze ukuthi bathe uma besibuka isidumbu sakhe, baqaphela ukuthi ufocokile ekhanda okufakazela ukuthi ubulawe ngokulinyazwa.
“Kuthiwe asilinde kuhlolwe isidumbu, imiphumela yiyo ezoqinisekisa ukuthi ubulawe yini,” kusho uNkk Shazi.
Uthe sebethembele emaphoyiseni ukuthi aphenye ukuthi kwenzekeni ngempela kwindodana yabo.
Ukhale ngokuthi noma ngabe kuthiwa wayesuse umsindo uSiyanda endaweni yokucima ukoma kodwa sasingekho isidingo sokuthi bambulale, bayomphonsa emanzini.
“Kusobala babefuna ukumbulala vele, umshaya kanjani umuntu ophuzile, uze uyomphonsa emanzini?” kubuza uNkk Shazi.
Ngesikhathi lithola udaba Isolezwe lithole ukuthi ngosuku lwesigameko umufi wakhishwa endaweni yokucima ukoma emva kokungaziphathi kahle.
Umnikazi wendawo, uMnuz Edward Sodo, uthe ama-bouncer amkhipha nabangani bakhe uSiyanda emva kokugwaza abantu ngebhodlela ngaphakathi.
Uthe okuqoshwe amakhamera abanankinga yokukunika amaphoyisa noma yinini uma efika ezokufuna.
Ngakolunye uhlangothi, omunye wabangani bakamufi ababekhona ngosuku lwesigameko, uthe akulona iqiniso ukuthi uSiyanda wakhishwa nabo.
Uveze ukuthi wathi yena uma ethi uyombheka ngaphandle lapho ama-bouncer ayesephumele naye khona, amshaya yena (umngani) ambuyisela ngaphakathi, kwaba ukunyamalala kwakhe.
USodo yena uthe umthetho wendawo uthi akakhishwa yedwa umuntu uma esehlupha, ukhishwa nalabo ahamba nabo ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwakhe yize esengaphandle.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uColonel Robert Netshiunda, uthe alikho icala okuvela ukuthi livuliwe esiteshini iDurban Central elithinta umuntu onyamalele ngo-Ephreli 27 onaleli gama.