KUSIZE abantu ebebezolungisa ugesi obufile eSteaville eMnambithi ngeSonto, kutholakala izinsalela zesidumbu sowesilisa owayelahleke ngoDisemba nyakenye zivalelwe ebhokisini likagesi.
UMnuz Sibusiso Mbatha (35) odabuka kwaPharafini, eMsinga kodwa obehlala ehostela laseSteadville eMnambithi, wagcina ukubonakala ephila ngoDisemba 3 nyakenye.
Iwele likamufi uMnuz Mthokozisi Mbatha, lithe lapho kutholakale khona isidumbu sikamufi amagxathu ambalwa ukusuka ehostela futhi kuseduze komgwaqo ophithizelayo.
Uthe usola ukuthi umufi wabulawelwa endlini ngaphambi kokuba isidumbu sakhe siyothukuswa ebhokisini likagesi.
“Besikhiyelwe ngengidi engaziwa ngisho nayibo abantu ebebezolungisa ugesi isidumbu. Kuphoqe ukuthi baze baligqekeze ngoba bese kucaca ukuthi ukhiye ebebewuphethe awuvulelani nalo obufakiwe,” kusho uMbatha.
Uthe ubona ukuthi yiwele lakhe emva kokuqaphela izingubo ebezisabonakala, okuyilezo agcina ukubonakala ezigqokile mhla elahleka.
Uveze ukuthi nakuba bekuke kwaba khona isikhathi lapho bezwe khona iphunga lento eyonakele esikhathini esedlule kodwa akekho oke wacabanga ukuthi liqhamuka ebhokisini likagesi.
Uthe simethusile isigameko futhi samshiya nemibuzo engaphenduleki ngoba akukhona okokuqala ilungu lomndeni wakhe linyamalala bese litholwa ngendlela eshaqisayo.
Uthe nango-Juni 2019 kukhona umfowabo owanyamalala ngendlela efanayo, isidumbu sakhe satholwa sishuthekwe epayipini lamanzi sekudlule amasonto amabili.
“Manje angiqondi ukuthi kwenzekani ngalezi zigameko ezicishe zifane. Ngibuye ngibe nomcabango wokuthi munye umuntu owenza lokhu. Ngibuye ngizizwe ngingaphephile ngithi hleze umsolwa uhlose ukusibhubhisa ngendlela efanayo sonke,” kusho uMbatha, othe sekunguye yedwa osesele.
Uthe abafowabo babengazimatanisi nobugebengu, babesebenza endaweni yokuwasha izimoto esendaweni, beziphilisa ngamasenti amancane abawathola khona.
Uthe ukhulekela ukuthi isheshe imiphumela yolibofuzo, angaphindwa esango-2019 lapho imiphumela yaze yabuya ngo-2021, sekuphele iminyaka emibili behleli emakhandleleni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZul-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMnambithi aphenya icala lokufa komuntu kulandela isigameko esenzeke eSteadville ngeSonto.
“Kuthiwa kutholakale izinsalela zesidumbu ebhokisini likagesi. Imbangela yesigameko isaphenywa amaphoyisa,” kusho uConst Ngcobo.