UKUDIVOSA akusho ukuthi sekumele uhlomule ngemali yesondlo kobushade naye.
Ummeli waseThekwini ongathandanga ukudalulwa ngoba ethi akagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uthe eNingizimu Afrika nakuba kwenzeka ukuthi kwabashadile uma sebehlukanise umshado, omunye agcine ethola isondlo kwabeshade naye kodwa akwenzeki kubo bonke abahlukanisile.
"Ummeli enkantolo kumele abeke izizathu ezinqala zokuthi kungani kumele athole isondlo. Inkantolo iye ibeke isikhathi esithile sokuthi le mali inqamuke," kusho ummeli.
Usho kanjena nje ezinkundleni zokuxhumana abantu bababaza ukuthi obengumyeni kaMinnie Dlamini, uQuinton Jones, kuthiwa ufuna ukuthi uMinnie ongumethuli wezinhlelo zeTV, amondle ngo-R10 000 njalo ngenyanga uma sebehlukanisile.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebebuza ukuthi kungani uJones efuna ukondliwa ngoba unemali, njengoba eke waba ngumdlali webhola phesheya ngaphambi kokuthi afudukele kuleli njengoba esenguphrojusa wamafilimi.
UThabile naMasina ephawula kwiFacebook ngalolu daba uthe: "Ngicabanga ukuthi ubhuti akakaze abe nemali.“
UThandeka Mbele uthe:" Owafika nokuhlukaniswa kwefa kuka-50% wayenza indaba. Sekuliwa ngemali manje"
Ummeli uthi imali yesondlo ayihlangene nemali yosuke ethole ilungelo lokuhlala nengane, yokondla ingane noma u-50% wefa okusuke kufanele abashadile bahlukaniselane yona.
"Inkinga ngalolu daba wukuthi abaludingida ezinkundleni zokuxhumana kabanawo amaphepha achaza ukuthi uJones kungani efuna le mali yesondlo okuthiwa uyayifuna."
UMinnie wamemezela ngoFebhuwari ukuthi bayahlukanisa noJones kodwa asikaphothulwa lesi sehlukaniso ngoba bayaklwebhana, njengoba sekuvele ukuthi uJones ufuna imali yesondlo esingu-R10 000 ngenyanga.
Kuthiwa uMinnie ushaya phansi ngonyawo, uthi uzolwa ngeke akwenze lokho.
Laba ababili bashada ngo-2017. Banengane abayithole ngo-2020 ehlala noMinnie.
UMnuz Ndabe Myeza oyisazi samasiko, uthe lolu daba olungundabuzekwayo akumele ngabe ludingidwa wumphakathi.
“Indaba yokuhlukanisa ngokwesintu yinto engekho. Uma kwenzekile kwaba nokuxabana kwabashadile, ngokwesintu bekuye kubizwe umndeni udaba ludingidwe. Owonile ahlawule.”
Uthe bekuye kuthi uma kungowesifazane ophumele ngaphandle, umyeni ubehlawula.
“Le yokuhlukanisa asiyazi. Yinto eyafika nabamhlophe. UJones angimsoli ngokuthi kuthiwa ufuna ukondliwa ngoba ulandela umthetho wasezweni adabuka kulo,” kusho uMyeza.