IMEYA kaMasipala waKwaDukuza ebhekene nezembe, uNksz Lindile Nhaca, ifuna kumiswe ukulalelwa kwesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bayo.
UNksz Nhaca ufake isicelo senkantolo sokuba kumiswe umhlangano wakusasa ozolalela isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.
Lesi sicelo esiphuthumayo sifakwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesibili.
UNksz Nhaca unikele enkantolo emva kokuthi i-ANC ingayiphendulanga incwadi yabameli lapho ebeyalela khona i-ANC ukuba ihoxise isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe okufanele kubhungwe ngaso kusasa.
Kule ncwadi uNksz Nhaca ubeyalele i-ANC ukuba izibophezele ekutheni angeke iqhubeke nesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe, ubeyinikeze umnqamulajuqu wangoMsombuluko.
UNksz Nhaca uphinde ayalele i-ANC ukuba ihoxise isinqumo sokummisa emsebenzini.
Lokhu ukusho encwadini ayithumele unobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, nosomlomo womkhandlu waKwaDukuza, uNkk Dolly Govender.
UNksz Nhaca wamiswa emsebenzini ngoSeptemba, i-ANC yathatha isinqumo sokumisa ubulungu bakhe enhlanganweni emva kokuthi eshaye indiva umyalelo wokuthi asule esikhundleni.
Kuhlelwe ukuthi umhlangano womkhandlu wakusasa ulalele isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNksz Nhaca.
Isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNksz Nhaca sifakwe yi-ANC.
Encwadini yabameli, abeMnguni and Associates, bathe isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNksz Nhaca siphambene nemigomo.
“Esiphakamisweni sokungabethembi ubuholi bakhe azikho izizathu ezihambisana nobufakazi, ezishoyo ukuthi kungani kufanele akhishwe esikhundleni.”
AbeMnguni and Associates bathe ukumiswa kukaNksz Nhaca kwi-ANC akukho emthethweni.
“Akaze anikezwe ithuba lokuthi aziphendulele ngezinsolo abekwa zona. Kwakufanele anikezwe amahora awu-48 ukuthi aphendule ezinsolweni abekwa zona. Izinsolo abekwa zona azikho bucayi ngendlela yokuthi kufanele amiswe emsebenzini. Kuze kube manje akakabekwa cala, akazi ukuthi umiselweni.”
UNksz Nhaca ukuphonsela inselelo ukumiswa kwakhe, wabhalela unobhala jikekele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, emnxusa ukuba angenelele kulolu daba.
AbeMnguni and Associates bathe uNksz Nhaca akufanele akhishwe esikhundleni kuze kuba uMbalula ubuyisa impendulo.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe bayaqhubeka nezinhlelo zokukhipha uNksz Nhaca esikhundleni.
“Njengamanje asikho isinqumo senkantolo esivimba ukuthi simkhiphe ngakho-ke siyaqhubeka.”
Okhulumela uMasipala waKwaDukuza, uMnuz Sifiso Zulu, ukuqinisekisile ukuthi bawatholile amaphepha asenkantolo, wathi basalinde isinqumo sayo.