UJABULELE ukuthola ithambo lelungu lomndeni wawo elaminza ngoJuanuwari, umndeni wakwaNgcamu oHlabeni eBulwer elitholwe ngoLwesihlanu.
Izinsalela zesidumbu sikaMnuz Bhekisisa Ngcamu (33) zitholwe amalungu omndeni enqenqemeni lomfula uMzimkhulu kude nalapho ayeminze khona ngoJanuwari 3.
Uyise kamufi, uMnuz Nkosikhona Ngcamu uthe yize bese kuyophela izinyanga ezintathu umufi aminza kodwa bengumndeni bebengakalilahli ithemba ngokuthi isidumbu sakhe siyogcina sitholakele.
“Yize noma amaphoyisa namalungu omphakathi bese bengasasilekeleli ukuyobheka njengoba babenza kusanda kwenzeka isigameko, kodwa thina malungu omndeni besingayekile,” kusho uNgcamu.
Uthe ngosuku okutholwe ngalo izinsalela zesidumbu, bahambe bayobheka bengumndeni njengenjwayelo kanti bazozithela phezu kwazo.
“Yize noma isidumbu sakhe bese sonakele kakhulu kodwa sikwazile ukumbona ngentambo ayeyifake okhalweni. Saphinde sambona ngesikhindi aminza esigqokile,” kusho uNgcamu.
Ugcizelele ekutheni nakuba kubuhlungu ukushiywa ilungu lomndeni kodwa kubathoba amanxeba ukuthi bazokwazi ukumfihla ngesizotha bese bekhomba ithuna lakhe.
“Bese kusikhathaze kakhulu ukuhamba kwezinyanga engatholakali ngoba bese singasazi noma kufanele siqale sizile noma sithi ukulinda kancane. Ukutholakala kwakhe kusithobe izinhliziyo,” kusho uNgcamu.
Ngesikhathi Isolezwe libika ngesigameko ekuqaleni kukaFebhuwari, uNgcamu waveza ukuthi umufi ubuye ahlaselwe wukuthikamezeka ekhanda.
Waveza ukuthi ngosuku lwesigameko umufi wahamba wayoziphonsa yena esizibeni emfuleni, esevukwe yikho ukuthikamezeka ngokomqondo.
Amaphoyisa abengakaphenduli ngalesi sigameko.