IBAMBABUKHOSI lesizwe sakwaButhelezi, uMpikayise Buthelezi, lithe sisodwa iSilo KwaZulu, ngakho abanye abazofika ukuzohlanganisa amehlo nomndeni womsunguli we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi otshalwe ngempelasonto, bazokwamukelwa njengabaNtwana baseNdlunkulu.
UButhelezi uthe akekho ozokwamukelwa njengeSilo njengoba Indlulamithi yamaKhosi uMisuZulu kaZwelithini, ifike izolo, izobonana nomndeni kaShenge njengoba ngokwesiko iMbube ingayihambeli imingcwabo.
UButhelezi usho lokhu nje, uMntwana uSimakade kaZwelithini, obanga isihlalo sokuba iSilo, ukhiphe isimemezelo kwabezindaba ukuthi uzovakashela KwaPhindangene namhlanje eyohlanganisa amehlo nomndeni emva kokukhothama kwaShenge.
Ibambabukhosi litshele iSilo uMisuZulu ukuthi baningi abanye abasembangweni wesihlalo wokuba iSilo.
“Sisodwa iSilo KwaZulu. Siyabonga Silo esikhulu ukuthi ufikile wazokhalisa umndeni emva kokukhothama kwenkosi yakwaButhelezi. Abanye abazofika sizobamukela njengabantwana nje kanjalo nezingane zeSilo esibuzile noBhusha. Bazobe bengelutho ngaphandle kokuba abantwana.”
Uthe abakwazi ukuguquka kulokhu abakufundiswa nguShenge.
“Ngeke siguquke kulokhu okwashiwo nguShenge. Sizoma ezimfundisweni zakhe.”
Uthe iSilo singumuntu ngakho amaphutha sizowenza.
“Balalele Silo abeza kuwena ngeqiniso kodwa ubagade abeze ngoba befuna ukuzodla.”
UMntwana waKwaFihlinqindi, uPhilemon kaTshelendoda kaDinuzulu, ulande ngeqhaza likaShenge esizweni samaZulu wathi ubengumuntu obelimele iqiniso.
Uthe wama eduzane kweSilo uMisuZulu, hhayi ngoba emthanda kakhulu kunabanye kodwa wayelandela isiko.
“Umntwana ubemi eqinisweni, kanjalo nasesikweni. Ubehlonipha, ehlonipha neSilo esikhona esingumzukulu kuyena. Akazange ame neSilo esibusayo ngoba esithanda kakhulu kodwa ingoba wayelandela isiko. Umhlaba ubuka ogade iNgonyama, hhayi yona uqobo.”
Uthe bayajabula labo abafuna ukuhlala ezindaweni zabanye njengoba engasekho uShenge.
“Sebezofuna ukuhlala ezindaweni okungezona ezabo ngenxa yokuthi umuntu obebakhuza akasekho. Ngiyanxusa ukuthi nihlale esikweni, nihloniphe ubukhosi. Isihlalo sesizwe lesi. Sebezokhuluma umathanda labo abafuna izindawo ezingabafanele.”
Uthe uShenge ubengasabi ukukhuluma iqiniso noma bekuthiwa libaba kangakanani.
“Noma bekuthiwa uzosala yedwa eqinisweni kodwa ubema kulona. Ubengumuntu onjalo, obengeke aguquke entweni eyisiko.”