INHLANGANO yabangcwabi, iNational Funeral Practitioners Association Of South Africa (Nafupa SA), ithi sishiya imibuzo isenzo senkampani yabangcwabi ethathe isidumbu selungu likamasingcwabisane ekubeni seyazi ukuthi ngeke izithwale izindleko zomngcwabo.
UNksz Qomeleni Mthembu (91) waseNgedleni, eNdwedwe, ushone ngoMsombuluko odlule emva kokugula isigubhukane.
Umndeni wakhe utshele Isolezwe ukuthi abeMpho Funeral Services basilandile isidumbu sakhe.
Lokhu kuze emva kokuthunyelelwa iziliphu ebebezicelile, eziwubufakazi bokuthi ubekhokha nyanga zonke.
UMengameli weNafupa SA, uMnuz Muzi Hlengwa, uthe imvamisa abangcwabi bayasilanda isidumbu uma befonelwa ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi yilungu labo yini.
Wathi imvamisa uhlelo lokuqinisekisa ukuthi oshonile ubeyilungu labo yini luza kamuva.
“Kuyinkinga ukuthi athathe isidumbu yize ebeselwenzile uhlelo lokuqinisekisa ukuthi umufi uyilungu labo noma cha. Ukucela kwakhe iziliphu ngaphambi kokulanda isidumbu bekuseyilo uhlelo lokuqinisekisa. Bekufanele emva kwalokho akubeke kucace ukuthi ngeke abangcwabele ngoba ubesebonile ukuthi ushone engakasiqedi isikhathi esilindwayo,” kusho uHlengwa.
Uqhube wathi ukulanda isidumbu esevele azi ukuthi ngeke abangcwabele kungenye yezindlela zokuzama ukuthola imali.
“Njengoba ehambile wayosilanda isidumbu, wasigcina emakhazeni akhe, kuzofanele bamkhokhele,” kusho uHlengwa.
Indodakazi kamufi, uNksz Joyce Mthembu, iveze ukuthi balimise ngesihloko elokuthi “bekufanele ashone ngomhlaka 4” umufi.
Wathi okubaxakayo ukuthi ngesikhathi eshona unina, bathe uma bebafonela abakamasingcwabisane, baphendula ngokuthi abathunyelelwe iziliphu ezikhombisa ukuthi ubekhokha.