UMNYANGO wezeMpilo usiqaphe ngeso lokhozi isifo sohudo kuleli kulandela ukutholakala kwabantu ababili abanaso eGauteng.
IPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Sibongiseni Dhlomo, lithe kusanda kutholakala abantu ababili abaphethwe yilesi sifo osekumeninyaka eminingi sanqotshwa kuleli.
Uthe ngemuva kophenyo kutholakale ukuthi laba abantu ababili bayizelamani ezidabuka eMalawi, ezihlala kuleli ngenxa yokusebenza. Ekupheleni kukaJanuwari beziye ezweni lazo ziyongcwaba isihlobo zabuya seziphethwe yizisu.
"Umnyango usiqaphilelesi sifo ngoba thina sasinqoba kodwa eMalawi sisahlasela futhi baningi asebebulelwe yiso. Okwamanje ngeke siyivale imingcele kodwa sizosiqapha isifo. I-World Health Organisation(WHO), okwamanje ithe imingcele akumele ivalwe. Sisabahlola bonke abantu abebehamba nalezi zelamani ebhasini elisuka eMalawi nabasondelane nazo sezikuleli ukuze kwenziwe isiqiniseko sokuthi lesi sifo kasisabalali. Lezi zelamani zilaliswe esibhedlela, ziyelulama kodwa kunesinye isiguli sesithathu esinezimpawu zalesi sifo, esike sasondelana nazo," kusho yena.
Uthe lesi sifo asithelelani ngokuthi abantu basondelene kodwa sithelelana ngokuthi umuntu aphuze amanzi noma adle ukudla okunegciwane laso.
UMnuz Foster Mohale, okhulumela uMnyango wezeMpilo, uthe ngokujwayelekile uma umuntu esanda kusithola lesi sifo izimpawu azimqinisi kodwa ngokuhamba kwesikhathi isimo siyasiba sibi ngenxa yokuthi uphelelwa ngamanzi emzimbeni.
"Isifo sohudo siyelapheka futhi siyagwemeka uma abantu beqaphela ukuthi bageze izandla ngamanzi anensipho njalo ngemuva kokuya endlini encane noma uma bezothinta ukudla. Okunye okubaluleke kakhulu okumele abantu bakuqaphele, ukuzekugwenywe ukusabalala kwesifo sohudo, wukulahla amanabukeni asebenzile endaweni efanele. Umnyango nesikhungo esibhekelele izifo ezithathelanayo kuleli, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD), neWHO basiqaphile isimo eGauteng lapho kutholakale khona abantu abanalesi sifo," kusho uMohale.
Uthe umnyango unxusa bonke abantu abake bavakashela emazweni anabantu abahaqwe yilesisifo, noma abangakaze bavakashele kula mazwe, abanezimpawu zesifo sohudo ukuthi baye ezikhungweni zezempilo ngokushesha.
Uthe ukubheduka kwesifo sohudo kuleli kwagcina ngo-2008 kuya ku-2009, abantu abahaqwa yilesi sifo ngaleyo minyaka baba ngu-12 000.
UDkt Michelle Groome weNICD uthe okwamanje lesi sifo asikabheduki kuleli, abantu abanaso kusengabantu abasithole eMalawi kodwa kwakhona lokho kubeka izwe engcupheni.
“Isifo sohudo sihlaseleemazweni angu-14 aseAfrika njengamanje.
IMalawi inabantu abaningi abahaqwe yilesi sifo esesisabalalele naseMozambique. Okunye okuyinkinga ukuthi ukukhishwa yisisu yinto eyenzeka noma yinini okungasho ukuthi usunesifo sohudo futhi kuba mandla esikhathini sasehlobo. Engingakusho ukuthi iNingizimu Afrika isengcupheni kodwa abantu abasengcupheni yokuhlaselwa yilesi sifo yilabo abahlala ezindaweni ezingenawo amanzi ahlanzekile nohlelo lokuhanjiswa kwendle oluhlelekile,” kusho yena.