IJAJI eNkantolo eNkulu yaseFree State, uPhillip Loubser, lithe lizosikhipha ngoMsombuluko isinqumo sesicelo esiphuthumayo esafakwa uDkt Nandipha Magudumana.
UDkt Magudumana ufake enkantolo isicelo esiphuthumayo sokuthi kuthathwe njengokuthunjwa ukubuyiswa kwakhe eTanzania, lapho abanjwa khona nesiboshwa eseqa ejele eMangaung, nyakenye, uThabo Bester.
UDkt Magudumane uthole ummeli oseqophelweni eliphezulu uma kuziwa ngakwezomthetho wamazwe ngamazwe, u-Advocate Anton Katz SC.
Ijaji emva kokulalela izethulo zommeli kaDkt Magudumana, nezethulo zoMnyango weZasekhaya, libe eselihlelisela uMsombuluko icala ukuze azicubungule kabanzi bese ekhipha isinqumo.
Ebeka amaphuzu akhe, uKatz uthe angakubeka kucace ukuthi kuleli cala, izikhulu zaseNingizimu Afrika zenza okungekho kuMthethosisekelo phakathi kuka-Ephreli 12 no-13, ngesikhathi zinikezela ngoDkt Magudumana.
“Abakwenza kuye kwaba ukumnikezela kwabezwe lakhe bakwenza kwabukeka sengathi ukumbuyisela ezweni lakhe. Kwaba khona ukusebenzisana phakathi kwezikhulu zaseTanzania nezaseNingizimu Afrika. Bathi kwaba khona ukuvumelana phakathi kwabo. Lokho ke ukumnikezela, ngoba ukumbuyisela ezweni lakhe yisenzo sohlangothi olulodwa,” kusho uKatz.
Uqhube wathi izehlakalo ngokulandelana kwazo zikubeka kucace ukuthi uDkt Magudumana akaxoshwanga eTanzania kodwa kwavunyelanwa ukuthi akahanjiswe.
“Ilapho ke inkinga futhi akekho ongayibalekela. Amaphoyisa ophiko lweSAPS ayenethimba lawo nalo elalijutshwe eTanzania ukuyoxoxa nezikhulu zakhona,” kusho uKatz.
UKatz uze wafunda incwadi efungelwe yesinye sezikhulu lapho isho khona ukuthi kwafinyelelwa esivumelwaneni ukuthi uDkt Magudumana ahanjiswe.
“Lokho akukho emthethweni,” kusho uKatz.
Ubuze umbuzo wokuthi yini eyayiyokwenziwa amaphoyisa nezikhulu zoMnyango wezaseKhaya eTanzania?
Ubuye wachitha okubhalwe encwadini efungelwe eyenziwe omunye wezikhulu zamaphoyisa, uBrigadier Richard Shibiri, oveze ukuthi amaphoyisa into ayeyiyele eTanzania, ukuyoqinisekisa ukuthi uye ngempela yini uBester noDkt Magudumana, wabuye waveza ukuthi bona bambopha esesesikhumulweni sezindiza eLanseria uDkt Magudumana.
“Sekuphele iminyaka engu-30 ngibhekene nezindaba ezithinta umthetho wamazwe ngamazwe, angikaze ngiyibone into efana nale,” kusho uKatz.
Obemele amaphoyisa neNPA, u-Advocate Neil Snellenburg SC, uthe namanje uDkt Magudumana akakaze achaze ukuthi kungani isicelo sakhe ethi siyaphuthuma.
Uqhube wathi okushiwo uDkt Magudumana encwadini efungelwe kungamanga, wathi uDkt Magudumana noBester, baboshwa amaphoyisa aseTanzania ngoba babengene ezweni lakhona ngokungemthetho.
“Akasho encwadini yakhe efungelwe ukuthi watshela izikhulu ukuthi yena ufuna ukugoduka ngoba ungumama. Akukho lapho ake anqaba khona ukungena ebhanoyini nokufakazela ukuthi wayefuna ngempela ukugoduka eze ezinganeni zakhe,” kusho uSnellenburg.
Ubuye wathi ithimba lamaphoyisa laya eTanzania ngoba uDkt Magudumana wayehamba noBester, owabe eyisiboshwa eseqe ejele.
USnellenburg uphethe ngelithi isicelo sikaDkt Magudumana kufanele sichithwe nezindleko zaso.
Obemele uMnyango wezaseKhaya, u-Advocate Petrus Zietsman, uthe bathola umyalezo ovela eTanzania, uthi uBester noDkt Magudumana bakuleliya lizwe ngokungemthetho, baboshiwe ngamaphoyisa akhona futhi kumele bengasabonwa khona ezinsukwini ezintathu.
“Esinakho phambi kwethu isinqumo sezinhlaka zaseTanzania, zimxosha ukuthi abuyele eNingizimu Afrika,” kusho uZietsman oqhube wathi akukho okuyiphutha ekutheni kusebenzisane uhulumeni waseTanzania nowaseNingizimu Afrika kulolu daba.