KHETHA SANGWENI
UZANDIE (MaKhumalo) Gumede, ongudadewabo kaKelly Khumalo, uthi ibasebenzisa kabi indaba yokukhonjwa ngenjumbane ngokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa. UMeyiwa wadutshulwa, wabulawa ngo-2014 ekubo kwentombi yakhe uKelly, eVooslorus, Ekurhuleni.
UZandi ube nengxoxo ekhethekile neSolezwe ngeSonto ngalolu daba emuva kombiko wephephandaba obuveza ukuthi kungase kuboshwe abathile ababesendlini ngosuku lwesigameko.
“Ayikho into ezoshiwo ngamaphoyisa ngiyikholwe ngaleli cala ngoba sebedlale ngathi kakhulu. Sikhonjwa ngenjumbane nje, kungani abantu bengatshelwa ukuthi sonke siwumdeni sathathwa sayofakwa emshinini ocwaninga ukuthi umuntu ukhuluma iqiniso yini? Satholwa simsulwa lapho, ” kusho uZandi.
Uthe akaboni isizathu esasingenza udadewabo aqashe izinkabi ukuthi zisoconge uMeyiwa.
“Okwesibili wukuthi udadewethu uma ebulala uSenzo wayezotholani futhi wayemazi ukuthi uhamba kuphi nini, kungani wayengaze ambulale phambi kwezingane? Wayazi nokuthi uSenzo udlani wayemphekela nokudla, wayengamfakeli ngani ushevu? Uma kuthiwa uSenzo wabulawa wumuntu owayesendlini njengoba sasibawu-6 endlini, akasekho noyedwa ophahlukayo? Khumbula phela kwakukhona nabangani bakaSenzo endlini. Kungani bengakhulumi uma abulawa ngumuntu ayedla naye endlini,’’ kubuza uZandi.
Uqhube waphawula nangamadoda aboshiwe.
“ Kungani thina singabizwanga ukuzohlonza amadoda aboshiwe? Phela yithi esasisendlini. Mina nje angiwazi amadoda aboshiwe futhi angikaze ngiwabone, akekho noyedwa kuwona owayesendlini. Ngaqala ukuwabona kuthelevishini. Angazi amaphoyisa azama ukwenzani ngoba ababoshiwe akubona abangena endlini,’’ kusho umculi
Uthe okunzima kakhulu wukuthi njengoba besebenza nomphakathi nje, kulukhuni ngenxa yalolu daba.
“ Sisebenza nomphakathi thina. Le nto yokukhonjwa ngenjumbane ngento esingayazi, isisebenzisa kanzima. Besinethemba lokuthi ababulali bayobanjwa ngelinye ilanga. Kodwa uma kunje, mina angisenalo (ithemba). Okubuhlungu nje wukuthi sesiphile ngaphansi kwaleli lifu elimnyama nomndeni wami iminyaka futhi umama iyamkhathaza lento. Asikaze singabambisani namaphoyisa nawo ayazi. Uma esidinga sikhona, kade beshintsha abaseshi kuleli cala. Singabantu abahlonipha umthetho hhayi izigelekeqe. Uma bekunogcobho ngobufakazi esabunikeza amaphoyisa ngabe kade akubamba lokho. Kungani benza sengathi singongqondongqondo bezigebengu ezihlula amaphoyisa ngomqondo. Amaphoyisa awenze umsebenzi wawo, athole ababulali ayeke ukudlala ngomphakathi nangomndeni wakwaMeyiwa,’’ kuvala uZandi.
UMnyango wamaPhoyisa ucele ukungaphawuli ngoba uphenyo luyaqhubeka futhi udaba lusenkantolo.