UMBIKO wakamuva mayelana nokutakulwa kwabantu emgwaqweni u75 Victoria Street, eGeorge uveza ukuthi sebengu-26 abantu okuqinisekiswe ukuthi bashonile ngenxa yokuwa kwebhilidi eliyizitezi ezinhlanu ebelakhiwa.
Ithimba labatakuli selisebenze amahora angu-166 kusukela kwavela imibiko yokuwa kwebhilidi.
Umbiko oqinisekisiwe kuze kube yimanje wukuthi babengu-81 abantu ababesebenza ngoMsombuluko odlule ngesikhathi kuwa ibhilidi ngo 2.00 ntambama. UMasipala waseGeorge uveze ukuthi kuzoba nomzuzu wokuthula ngo-2.09 emini namhlanje kuyo le ndawo ukukhumbula abashonile nokweseka imindeni yabo.
Kuthiwa bangu-55 abatholakele batakulwa, bangu-26 okuqinisekiswe ukuthi bashonile kanti bangu-13 abasesibhedlela. Bangu-26 abantu abangakatholakali njengoba usaqhubeka umsebenzi wokutakula.
Umasipala uveze ukuthi umsebenzi wokwenza ulibofuzo uzothatha isikhathi njengoba kusenzima ukuthola imininingwane yabashonile nalabo abangakatholakali.
Kunxuswe amalungu emindeni ukuba inikele ehholo lomphakathi eGeorge Civic Centre emgwaqweni uYork Street, ukuze kusizakale uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uthole imininingwane efanele kuqondiswe amarekhodi adingekayo.