KWENZEKE okungajwayelekile namhlanje ngesikhathi kugwetshwa iphoyisa eladubula labulala intombi yalo anduba lizidubule lona esibhedlela saseTembisa eKurhuleni ngonyaka odlule.
ULebo Monene wahlaselwa yisithandwa sakhe esemsebenzini esibhedlela iTembisa Provincial Tertiary ngoFebhruwari ngonyaka odlule. Umsolwa wafika kulesi sibhedlela ehamba ngemoto yomsebenzi wapaka endaweni yabezimo eziphuthumayo.
"Umsolwa washayela umufi ucingo esefikile emsebenzini wakhe ngesikhathi umufi efika kuyena, umsolwa, wambingelela ngenhlamvu ebhekise, kuyena wamdubula ngaphambi kokuba aphendule isibhamu azame ukuzidubula
ULucky Mudau (32) okunguyena umbulali wahlala esibhedlela isikhathi eside ngenxa yokulimala kabi, ngoba yize asinda, kutholakale ukuthi isimo sakhe sibucayi kakhulu.
Njengoba kungusuku lokugwetshwa kwakhe namhlanje, ngesikhathi kwenziwa izethulo zokugcina, kuvele ukuthi asikho isikhungo sokuhlunyeleliswa kwezimilo esingabhekana nesimo sakhe eNingimizu Afrika yonke.
UMudau ukhubazeke umzimba wonke, yikhanda kuphela elikwazi ukunyakaza emzimbeni wakhe.
Ngesikhathi lehlisa isigwebo ijaji uKarim libalule ukuthi uMudau uzigwebe yena udilikajele ngokuzifaka kulesi simo sempilo akuso njengamanje.
Lo mbulali ugwetshwe iminyaka engu 25 kodwa yonke le minyaka ilengiswe isikhathii esingangeminyaka emihlanu ngenxa yesimo sempilo yakhe.