ZIYAQHUBEKA izinhlelo zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, zokuhlomulisa izinkampani ezintsha ezithole ithenda yokuphakela izikole.
Lokhu kulandela imibiko ebisabalele yokuthi ngeke kusaqutshekwa nezinhlelo zokuzihlomulisa emva kokukhishwa kohlu lwezithole umsebenzi ngempelasonto.
Sikhulu isililo ezinhlakeni ezehlukene zomphakathi nasezinkundleni zokuxhumana emva kokukhishwa kwalolu hlu.
Abezinkampani ezingahlomulanga bakhihla esikaNandi njengoba lezo ezihlomulile zizokwenza lo msebenzi iminyaka emithathu kanti inkontileka kungenzeka ilulwe ngeminye iminyaka emibili ngaphezu kwale emithathu.
hlelo olubangwa kakhulu, luhlinzekwe ngoR2.1 billion kulo nyaka wezimali esifundazweni. Okhulumela uMnyango, uMnuz Muzi Mahlambi, uchithe imibiko yokuthi bazolumisa uhlelo lokuhlomulisa lezi zinkampani ezithole umsebenzi.Uthe le mibiko ebisabalele kayilona iqiniso.
“Siyaqhubeka nezinhlelo zokuzinika lezi zinkampani umsebenzi, ngeke sime.”
Ethula isabelomali sesifundazwe uNgqongqoshe wezeziMali, uNkk Peggy Nkonyeni, umemezele ukuthi lolu hlelo lokudla ezikoleni, luzonyuka ngoR120.9 million kulo nyaka wezimali.
Uthe ngonyaka ozayo wezimali u-2024/2025, luzonyuka ngoR112.6 million, kuthi ngonyaka u-2025/2026 lunyuke ngoR226.6 million.
Uthe kulo nyaka lwabelwe uR2.1 billion kanti imali yalo ayenzi ezinye izinhlelo ngaphandle kokuphakela abafundi.
Muva nje, izikhulu zoMnyango zithula umbiko phambi kwekomiti elibhekele ukusebenza kwemali kahulumeni iStanding Committee on Public accounts (Scopa) esiShayamthetho sesifundazwe, ziveze ukuthi emalini ehlinzekwe lolu hlelo kwasebenza u-97.3% wayo onyakeni odlule wezimali.
Zaveza nokuthi enye imali isebenza ukuqeqesha labo abaphekela abafundi, ezintweni ezithinta inhlanzeko nezithinta ukuphepha.
Kwaphinde kwathengwa izinsiza zokuzivikela kulabo abaphekayo, ikakhulu uma sekuphakelwa abafundi.Babalelwa ku-2.1 million abafundi abahlomula kulolu hlelo nsuku zonke ezikoleni.
Nyakenye, kube nesikhalazo esikhulu ngemva kokuba uMnyango unciphisa isikalo sokudla ezikoleni zesifundazwe.
Othishanhloko babekhala ngokuthi basenkingeni ngoba abanye abafundi babekhononda ngokuthi kuncane ukudla abaphakelwa khona emuva kokwehliswa kwalesi sikalo.