SIDEDELWE ngebheyili kaR10 000 isalukazi esiboshelwe icala lokudayisa izidakamizwa eSweetwaters, eMgungundlovu.
Ngokusho koKlebe KwaZulu-Natal, uNkk Thembelihle Komane oneminyaka engu-61 uvele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoLwesihlanu.
Imantshi ibe isilihlehlisa icala njengoba kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo efanayo ngoFebhuwari 12 wangonyaka ozayo.
Okhulumela oKlebe eKZN, uLieutenant-Colonel Simphiwe Mhlongo uthe uNkk Komane ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoLwesithathu eserenki yamatekisi.
UMhlongo uthe lesi salukazi sichithe ubusuku obubili esitokisini samaphoyisa ngaphambi kokuthi sivele enkantolo.
Uqhube wathi amaphoyisa abelunywe indlebe ngokuthi kukhona abantu abadayisa izidakamizwa, obekwenziwela erenki.
“Amaphoyisa (oKlebe, uphiko iCrime Intelligence neTask Team yaseMgungundlovu) anikele endaweni abekade etshelwe ngayo afica umsolwa ehlezi emotweni. Kube sekuseshwa imoto kwavundululwa izingcezu ze-cocaine ezingabiza uR140 000,” kuchaza uMhlongo.
UMhlongo udalule nokuthi omunye wabantu obekusolakala ukuthi naye ubedayisa izidakamizwa uphunyukile wadla phansi kodwa zamkhalela uNkk Komane.
UMhlongo udalule nokuthi amaphoyisa abhadame umsolwa nemali enguR37 327 engukheshi okusolakala ukuthi itholakale ngesikhathi kuthengiselwana izidakamizwa.