UNIKWE umsebenzi wokubumba izinhlaka zeqembu Umkhonto weSizwe (MK), ukusungulwa kophiko lwentsha nolwabesifazane, ukwakha imigomo yeqembu aphinde aqaphe ukusebenza kwabajutshelwe ePhalamende naseziShayamthetho obeyiphini likamengameli kwi-EFF uMnuz Floyd Shivambu.
UShivambu umenyezelwe njengoMgqugquzeli kaZwelonke kwi-MK esithangamini sabezindaba ebesihanjelwe wuMengameli waleli qembu, uMnuz Jacob Zuma.
Kulesi sithangami ebesiseSandton, eGauteng, kumenyezelwe abaholi abaphezulu baleli qembu abayisishiyagalombili.
UShivambu oshiye kwi-EFF muva nje, bekubhekwe ngabomvu isikhundla abezonikwa sona kwi-MK njengoba eshiye iqembu alisungula noMnuz Julius Malema.
UMalema ukhale ngokushiywa nguShivambu wamfanisa nomuntu ojikele umzabalazo.
UShivambu uthe akazange ajikele umzabalazo kodwa usemkhankasweni wokwakha iqembu elizofukula abamnyama.
“Ngeke sixolise ngomsebenzi esiwenzayo ngoba yinto esibizelwe kuyona. Ngijoyine i-MK ngoba ngifuna ukusebenza abantu bakuleli. Sizobumba abantu asizile ukuzoncengana,” kusho uShivambu.
Uthe noma bangamsusa kulesi sikhundla kodwa uzoqhubeka nokuba yilungu.
“Uma ngisuswa ekubeni yilungu leqembu, ngizoqhubeka nokuba ivolontiya. Ngizofaka izingqwembe noma kuthiwa ubuholi buyangichitha. Angizele izikhundla kwi-MK kodwa ukuzosebenzela abantu.”
UZuma uthe yingakho kuyinto enkulu ukushiya kukaShivambu kwi-EFF yingenxa yobuhlakani bakhe.
Enkulumeni kaZuma efundwe nguNobhala Jikelele we-MK uDkt Sifiso Maseko, uveze ukuthi umsebenzi kamgqugquzeli kazwelonke wukuhlela, athuthukise izinhlaka zeqembu, akhe imiqulu nemigomo, acije ngezepolitiki, enze ucwaningo, aqaphe ukusebenza kwemigomo.
Okunye ngukuqapha ukusebenza kwalabo abakumakhokhasi ahlukene aphinde abe sethimbeni leKhomishini yezoKhetho.
UDkt John Hlophe oyiPhini likaMengameli we-MK, uthe uShivambu ubukhali njenge-razor, wathi akangabazi ukuthi iqhaza lakhe lizobonakala.
Uthe abamthezanga kwi-EFF ngenhloso yokuhlakaza leliya qembu.
UMaseko uthe uZuma nguyena kuphela onamandla okuqoka izinhlaka ezehlukene, wathi ubuholi obuphezulu yibona obuzokwakha amakomiti afaka elezezimali, elokuxhumana, elokuthuthukiswa komnotho namanye.
“Kuzoba nengqungquthela yokwakha imigomo eqenjini ukuze kuthuthukiswe abantu emikhakheni ehlukene ezweni. Ezifundazweni kuzoba nethimba elizohola elihlanganisa ozohola leso sifundazwe, umxhumanisi nomgqugquzeli bese kuba nobhekele ukuhlwaya uxhaso. Ezifundeni kuzoba nozohola isifunda, umxhumanisi nomgqugquzeli kanjalo nozohlwaya uxhaso. Kuzoba nezinhlaka ezizoba komasipala,” kusho uMaseko.
Uthe zonke izinhlaka zizosebenzela ukudla kwe-MK umhlanganiso okhethweni, waveza nokuthi lezi zinhlaka akuzona ezokulungiselela izingqungquthela zokukhetha ubuholi.