UTHOBEKE amanxeba umndeni kathisha waseWinterton owabulawa uzakwabo ebambisene nabanye ngesigwebo asinikwe yiNkantolo yesiFunda eMnambithi.
Le nkantolo imgixabeze ngodilikajele uzakwabo kamufi uNokubonga Fortunate Dubazane (40). Ibuye yanika isigwebo esifanayo inkabi eyamsiza enza leli cala, uMqapheli Emmerald Miya (49).
Balahlwe yicala lokubulala uNksz Hlengiwe Christina Ndaba (34).
Laba bagwetshwa nje, sekwagwetshwa omunye osolwa ngokuba yinkabi uNkosingiphle Morris Ngubane (39) abenza naye icala, naye owagwetshwa udilikajele ngo-Okthoba 22, 2020.
Ilungu lomndeni elicele ukungadalulwa lithe bajabule kakhulu ngesigwebo.
“Yize noma singeke sisambuyisa othandiweyo wethu kodwa siyasithoba amanxeba isigwebo abasinikeziwe. Sesizokwazi ukuthi siphole ebuhlungwini abasizwisa bona,” kusho ilungu lomndeni.
Lincome umsebenzi wamaphoyisa, ikakhulukazi umphenyi wecala, lathi umsebenzi wakhe uwenze ngokuzikhandla nangokuzinikela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo elandisa ngesigameko, uthe ngoJulayi 22, 2020, kwatholwa isidumbu sikamufi esasishile emotweni yakhe ehlathini lase-Emmause, eWinterton.
Uthe umphenyi wecala wasebenza ngokuzikhandla, ecinga umndeni kamufi.
“Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo, kwavela ukuthi uDubazana owayesebenza nomufi esikoleni esisodwa, ngosuku lwesigameko wayemphathele ukudla okwakufakwe uphoyizeni.
“Ngesikhathi umufi ekhombisa izimpawu zokugula, wathathwa wayiswa emzini kaMiya lapho owafike waklinywa khona waze wafa. Isidumbu sakhe sabe sesithathwa siyoshiswa ehlathini,” kusho uNgcobo.
Uthe uphenyo lwaveza ukuthi uDubazana owayengaqashiwe ngokuphelele wayehlose ukuthatha isikhala sikamufi unomphelo, kwazise kwase kusondele isikhathi sokuthi ahlabe ikhefu lokobeletha njengoba wayezithwele.
Uthe uDubazana wayekholelwa ukuthi uma ebulala uNksz Ndaba lokho kwakuzoholela ekutheni aqashwe esikhaleni sakhe unomphelo.