KUBUKEKA sengathi siyahlaba isihlalo sobumeya kuMasipala waseMajuba njengoba sekuphinde kwashiya enye imeya.
Imeya yalo mkhandlu, uMntwana uNdabuko Zulu, yesule izolo emva komyalelo wesigungu esiphezulu se-IFP.
UZulu wesula kulesi khundla nje ubengakahlali isikhathi eside.
Waqokelwa esihlalweni ngo-2022, ethatha emva kokuxoshwa kukaNkk Vuselwa Bam, naye ongazange azinze kulo mkhandlu.
UNkk Bam wayekade eqokelwe kwesobumeya emva kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021, wabe esedilizwa esikhundleni esahlale unyaka.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe uZulu ubehlangane namalungu esigungu esiphezulu izolo.
“Emva kwezingxoxo, isigungu esiphezulu sithathe isinqumo sokuthi siyalele imeya ukuba yehle esikhundleni ngokushesha. Nangempela uMntwana uNdabuko ube esesula esikhundleni njengokomyalelo.”
UHlengwa akazange asidalule isizathu esenze bagcina benquma ukudiliza uZulu esikhundleni.
UHlengwa uthe iPhini leMeya, uNksz Thembelihle Mthembu, yilona elizobamba isikhundla sobumeya.
“Amakomiti afanele kwi-IFP iwona azoqhuba uhlelo lokuqokwa kwemeya entsha.”
Ngaphansi kobuholi bukaZulu, umasipala ubukhungethwe izinkinga okubalwa kuzo noqhekeko emakhanseleni eqembu.
Lolu qhekeko lugqame kakhulu ngesikhathi umasipala uzama ukumisa emsebenzini imenenja yomkhandlu, uMnuz Mpumelelo Manqele.
UManqele wamiselwa izinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa.
Wabuye wabuyiselwa emsebenzini emva kokuthi amanye amakhansela e-IFP ephikisane nokumiswa kwakhe. Amanye amakhansela asola uZulu ngokusebenzisa budedengu amandla akhe.
Umasipala uphinde ubhekane nenkinga endala, inkinga yamanzi. Izindawo eziningi ezingaphansi kwalo masipala ziswele amanzi. Lapha kubalwa iNewcastle, Madlangeni naseDannhauser.