LIBONGA uNkulunkulu ngokuhlangana kweminyaka eyishumi lasungulwa ibandla, iRoyal Priestwood Ministries International.
Leli bandla belinendumezulu yenkonzo yokugubha ukuphela kwale minyaka lasungulwa.
Inkonzo ibihanjelwe ngabefundisi bakwamanye amabandla futhi ibihlelelwe esizindeni esiseWaterloo, eVerulam.
Umholi webandla, uMfundisi Nhlanhla Makhoba, uveze ukuthi lasungulwa ngo-2014 kanti kuningi abadlule kukhona kule minyaka edlule.
Elanda uthe kubekhona izikhathi ezinhle, kwabakhona nezikhathi lapho obekubanzima khona. Ubonge abazalwane bebandla ngokuma noma izinto zinzima.
Ekhuluma ebhekise ngqo kubazalwane bebandla uthe:"Namhlanje ngithanda ukuthatha ithuba nginibonge kakhulu ngokuthi nimile naqhubeka nokuleseka ibandla, kuyona yonke iminyaka eyishumi likhona.''
Uthe kule minyaka ehola ibandla uqaphele izinto eziningi futhi ezahlukene. Phakathi kwezinye zazo uqaphele ukuthi akuhlale kukuhle njalo nje kodwa buyafika ubunzima maphakathi nendlela.
UMakhoba uthe noma kunjalo kodwa okumjabulisayo kakhulu ukuthi ibandla likwazile nokuthi lilekelele umphakathi elikuwona ngezindlela ezahlukene.
Uthe bayibandla elikubeka phambili ngaso sonke isikhathi ukubaluleka kokuba umphakathi unakekelwe njalo nje.
Ukhulume nangezemfundo waveza ukuthi bayaziqhakambisa kakhulu kuleli bandla.
UMfu Nomathemba Makhoba, ogane umholi webandla uze wahlengezela izinyembezi echaza kabanzi ngohambo olude lwebandla.
Uthe ukuba nohlobo lwamakholwa abekezelayo yikhona kanye okugcine kudala ukuthi baphikelele phambili.