SIGODLIWE isinqumo sebheyilini ebesifakwe wumsolwa wesibili kwelokubulawa kwalowo owayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa.
Umsolwa wesibili, uMnuz Bongani Ntanzi (32) ongowokudabuka KwaNongoma, KwaZulu-Natal, ubefake isicelo sakhe sebheyili izolo, phambi kwePhini likaMengameli wamaJaji eGoli, u-Abrey Ledwaba eNkantolo eNkulu yaseGoli.
Phakathi kwezethulo ezenziwe wummeli kaNtanzi, u-Adv TT Thobane, ukuthi uNtanzi ngesikhathi eboshwa ngo-2020, kwakunguye kuphela owayesebenza kubo, ondla umndeni wakhe okukhona kuwo abazali bakhe, nazalwa nabo abayishumi.
Uthe ukubona kuyilungelo lakhe uNtanzi ukuthi anikezwe ibheyili ngoba alikho elinye icala aseke wasolwa ngalo ngaphandlela kwelikaMeyiwa futhi akanayo incwadi egunyaza ukuvakashela kwamanye amazwe (passport) ngakho ngeke abaleke.
“Uma engadedelwa ngebheyili, angakwazi ukuthola umsebenzi,” kusho uThobane. Ugcizelele ukuthi uma enikwa ibheyili, angakwazi ukuhlanganisa ekaR10 000 kanti angakwazi ukuza ecaleni esuka kubo KwaNongoma.
Uthe uma engakhishwa ngebheyili ngabe uyafana nomuntu ojeziswayo kodwa ebe engakalahlwa yicala.
Kube sekubizwa umfowabo, uMnuz Mbongeni Ntanzi, ebhokisini lofakazi, ukuthi ethule ubufakazi ngendlela uNtanzi aziphatha ngayo.
UMbongeni uhambe emazwini kaThobane, ngelithi akasiye umuntu onobugebengu kunalokho uwumuntu okwazi ukunakekela umndeni futhi ongakaze abe nacala.
Umshushisi woMbuso, u-Adv George Baloyi, uthe akufanele anikwe ibheyili uNtanzi, wabeka izaba zokuthi uNtanzi wakhonjwa kuqala ufakazi wesithathu ecaleni lokubulawa kukaMeyiwa, uMnuz Tumelo Madlala, owayengumngani omdala kaMeyiwa.
UMadlala ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe ngenyanga edlule, wakhoba uNtanzi njengomsolwa wesibili owagasela endlini ngosuku lwesigameko. Wathi nguye owayecindezelwe uMeyiwa odongeni ekhishini lakubo kwentombi yakhe engumculi, uKelly Khumalo.
UBaloyi uphinde wabeka izaba zokuthi ikhaya likaNtanzi lingaphandle kweGoli, nokuyilapho okuthethwa khona icala lakhe ngakho lokho kufanele kube yisizathu esiqinile sokuthi inkantolo ingamniki nhlobo ibheyili. Icala lokubulawa kukaMeyiwa libuyela enkantolo ngoNovemba 14.