ISIGODLILE isinqumo sayo inkantolo empini yezomthetho ephakathi kukaMengameli Cyril Ramaphosa nowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma.
URamaphosa ufuna ukuthi iNkantolo eNkulu eGoli imnikeze isivimbelo esizonqanda uZuma ukuthi azishushisele yena mathupha.
Izolo inkantolo inqume ukusigodla isinqumo sayo kulandela ukulalela izethulo zabameli bakaRamaphosa nabakaZuma.
Kuke kwaphakama imimoya ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwecala izolo emva kokuba uRamaphosa ekhale ngokuthi inkantolo inciphise isikhathi sommeli wakhe, u-Advocate Dali Mpofu.
Lesi sikhalazo sikaZuma siqhamuke emva kokuthi amajaji echithe isicelo sikaMpofu sokwengezelwa isikhathi.
UZuma uphinde wakhala ngokuthi inkantolo iyenzelela.
Elinye lamajaji abehlalele icala, iJaji Modiba, lithe akusilona iqiniso ukuthi inkantolo inciphise isikhathi sikaMpofu.
“Empeleni kunezikhathi ebezibekelwe bonke abameli. Lezi zikhathi kwavunyelwana ngazo. Iqiniso ukuthi izolo (ngoLwesithathu) uMpofu useqile isikhathi abebekelwe sona waze wangezelwa. Nanamhlanje (izolo) uMpofu uphinde waseqa isikhathi abebekelwe sona, waphinda futhi wengezelwa isikhathi. Empeleni uMpofu uqhubekile wakhuluma noma sengithe akame ngoba isikhathi sakhe sesiphelile.
“Lesi yisitatimende obekungafanele ukuthi uZuma asenze. Iqiniso ukuthi kuningi uZuma abengakwenzile ngendlela kodwa inkantolo yakwazi ukumbekezelela.”
Kuleli cala uRamaphosa uzama ukuvimba uZuma ukuba angamshushisi njengengxenye yecala lapho uZuma ezishushisela mathupha umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo nokukhwabanisa, u-Advocate Billy Downer.
UZuma usola uRamaphosa ngokuba ingxenye yokwephulwa komthetho kuleli cala njengoba ethi akazange athathe izinyathelo ezifanele ngesikhathi embikela ngokwephula umthetho kukaDowner.
Abameli bakaRamaphosa nenhlangano yezokushushisa, iNational Prosecuting Authority (NPA), bamile kwelokuthi uZuma akakwazi ukushushisa uRamaphosa ngoba isitifiketi anaso asinalo igama likaRamaphosa.