SIKHALELWE ngamasongo kaSigonyela ngoKhisimusi isangoma saKwaMakhutha esisolwa ngokudlwengula size sikhulelise ithwasa.
Lo wesilisa, Isolezwe elinawo amagama akhe kodwa elingeke lize liwadalule okwamanje, kuvela ukuthi uyisangoma esaziwayo endaweni.
Kuthiwa amaphoyisa asingenele ekuseni isangoma asilanda ayosivalela. Isolezwe lithole ngomthombo walo olazi ukusuka nokuhlala udaba.
“Isangoma silandwa nje, bese kuphele izinyanga ezintathu litetile ithwasa leli okuthiwa lisivulele icala lokusidlwengula,” kusho umthombo.
Leli thwasa kuvela ukuthi lineminyaka engu-18. Kuthiwa lashiya phansi isikole ukuze liyophothula ubungoma.
Kuvela ukuthi isangoma besilala ngenkani nethwasa selokhu lafika esigodlweni salo eminyakeni emibili eyedlule.
Ngokusho komthombo, bekungelula ukuba ithwasa liyiveze le ndaba ngenxa yokuthi isangoma singumuntu osatshwayo kakhulu endaweni.
Umthombo uthe indaba ize yavela ngemuva kokuba ithwasa libhale kwiFacebook ngakho konke okwenzekile ngemuva kokuba seliqede ukuteta.
"Ngikutshela ukuthi ngabe akakabanjwa lo bhuti ukuba ithwasa alizange libe nesibindi sokuthi liyobhala kwiFacebook ngakho konke okwenzekile,'' kuchaza umthombo.
Uqhuba umthombo, uthe isangoma sizame kaningi ukuyovala umlomo umgilwa ngemali kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
"Ingane bese ikhathele ukuba yisigqila socansi salesi sangoma. Yingakho nje ibone ukuthi kuhle imane iliphalaze lonke iqiniso,'' usho kanje.
Isolezwe likhulume noNkk Sthe Mavela ongumphathi wabelaphi bendabuko esiyingini saKwaMakhutha.
Uthe kubaphathe kabi kakhulu abakuzwile ngoba kudicilela phansi igama labo njengabelaphi bendabuko.
"Izigameko ezinjengalesi kakumele zenzeke. Okubuhlungu kakhulu zidweba isithombe esingesihle nje impela ngathi belaphi bendabuko,'' kusho uNkk Mavela.
Uthe uzwile ngalesi sigameko wathi utholile nokuthi isangoma siboshiwe ngoKhisimusi.
Uthe kakade vele izangoma ezenze amahlazo alolu hlobo kumele zigqunywe esitokisini.
"Ayikho enye indlela, izangoma ezibandakanyeka ezintweni ezifana nalezi kumele ziboshwe,'' usho kanje.
Owesifazane osondelene nomgilwa wale waphetha ukuphawula ngesigameko, wathi njengomndeni abakathandi ukukhuluma ngaso.
Kodwa uvumile ukuthi senzekile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile isigameko.
Uthe kunecala lokudlwengula elivulwe emaphoyiseni aKwaMakhutha.
"Ukuvulwa kwaleli cala kulandela ukudlwengulwa kwentombazane eneminyaka engu-18,'' usho kanje.