LISHENXISIWE icala lokudlwengula inkosazana ebelethweswe isethenjwa somholi wamaNazaretha, iNkosi Mduduzi Shembe uNyazilwezulu, ngenxa yokushoda kobufakazi obanele bokusishushisa.
UMnuz Xolani “Maliyavuza” Zungu owaboshwa ngecala lokudlwengula inkosazana ukhishwe phambili yinkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo.
Ubethweswe icala lokudlwengula inkosazana okuvele kamuva ukuthi bekuyintombi yakhe.
Ummeli kaZungu, uMnuz Ayanda Khanyile we-Ayanda Khanyile Attorneys, uthe ukuhoxa kwecala kufakazela khona ukuthi uZungu ubeboshelwa amanqina enyathi ngalo.
“Leli cala belivele lingekho kwasekuqaleni. Umshushisi ufike enkantolo wakhuluma into engabambeki, washo nokuthi ingxoxo obekumele ibekhona phakathi komphenyi wecala nommangali ayibange isabakhona. Ngolwazi lwami nobufakazi enginabo, ingxoxo ibekhona kodwa usaba ukuthi ummangali akasambophi uZungu ngoba nasekuqaleni wayevele esetshenziswa ukuthi amvulele leli cala. Njengamanje sithatha isinqumo sokubopha uMbuso ngokudicilela phansi isithunzi sikaZungu,” kusho ummeli uKhanyile.
Njengoba uZungu ebehamba leli cala bekunemiyalezo athe yayithunyelwe uyena ummangali, kuyena eveza ukuthi kukhona ababemsebenzisa ukuthi amvulele icala ngoba befuna ukumgudluza eduze koNyazilwezulu. Kukhona nalapho lo wesifazane ayesecela khona uZungu ukuthi babaleke naye ngoba akasafuni nokuhlala ekhaya ngoba nomndeni wakhe uhambisana nabathi akaboshwe. Yonke le miyalezo ebinikwe umshushisi kwakuvele ukuthi isayohlolwa ubuqiniso bayo kuphinde kuxoxwe nommangali. Bekuvele kuhlelwe usuku lwayizolo ukuthi icala libuyele enkantolo sekuxoxiwe naye ummangali kwase kuvela ukuthi akuxoxiwe naye, kwahoxa icala.
UZungu oseke wasinda edutshulwa okusolakala ukuthi lesi sigameko seyamene naleli cala lokudlwengula abethweswe lona, uthe ubonga amandla oNyazilwezulu ngokuphela kwecala.
“Ngijabule kakhulu ngokwenzekile ngoba belivele lingekho leli cala. Ngiyabonga ngamandla kababa uNyazilwezulu ukungiphephisa,” kusho uZungu.
UZungu ungomunye wezethenjwa zoNyazilwezulu owaziwa ngokuhamba phambi kwezimoto zalo mholi uma kunemihlangano emikhulu yamaNazaretha. Kuthiwa uyena oqinisekisa nokuphepha kwalo mholi uma kunabantu abaningi lapho ekhona.
Kuthiwa ubeboshelwe itulo ngenxa yezinsolo zokuthi uyena obevimbe ukuthi kuqhubeke umsebenzi wokwakhiwa kwamadokodo eBuhleni. Lokhu kwenzeka emva kokuba umholi uNyazilwezulu emise ukwakhiwa kwawo emva koxhaso lukaMengameli Cyril Ramaphosa luka-R18 million wokwakha amadokodo.
Kuvela ukuthi kunezethenjwa zoNyazilwezulu ezisebenzisana nezikhulu zepolitiki ukuze zihlomule kulo R18 million, nezagcina zisola yena uZungu ukuthi uvimbile.
UZungu usalokhu emile ekutheni yena akangene ezintweni ezithinta amathenda futhi wayengeke avimbe ukwakhiwa kwamadokodo aseBuhleni.
Ngesikhathi esinda esigamekweni sokudutshulwa bekuputshuke izwi lowesifazane ezihlangula ukuba yingxenye yokubulawa kukaZungu, ayethi kuhlelwa ngabathile ebandleni lamaNazaretha. Kuthiwa kwakunqunywe ukuthi ungafiki uJulayi 12, engabulewe ngoba kwakuyiwona azovela ngawo enkantolo. Kuthiwa okwakwenza kuthiwe akasheshe asocongwe lungakafiki usuku lwecala yingoba bese kuzwakele ukuthi ummangali akazimisele ukuqhubeka nokumbophisa njengoba kwakuhleliwe.