KUTHIWA belimcinga ngobhushu phakathi kwabafundi nothisha isoka lakhe, uthisha eligcine ngokumgenca, lamshiya lizitshela ukuthi ufile ngoMsombuluko, KwaNxabakazi, KwaHlabisa.
Lesi sigameko kuthiwa sishiye abaningi bevale amehlo kuthiwa senzeke esikoleni iKhongela Primary. Umsolwa kubikwa ukuthi utholwe ezilengisile ehlathini lendawo ngoLwesibili.
Umthombo ocele ukungadalulwa uthe lona wesilisa ubesola umgilwa ngokuthi uyamjolela.
“Kuthiwa njengoba emhlasele manje, ubengaqali, uke wamlimaza naphambilini. Othisha abafundisa naye kuthiwa bake bazama ukuhlala phansi nomgilwa bemtshela ukuthi akavule icala lokuhlukunyezwa futhi abuqede ubudlelwano babo kodwa kuthiwa ubeye aphendule ngelithi uyanqena ukumvulela icala,” kusho umthombo.
IMeya yoMasipala waseMkhanyakude, uMnuz Sphile Mdaka, ehambele isikole lapho okwenzeke khona isigameko kanjalo nomndeni kamgilwa, ithe sisabatshazwa namanje isihluku sikamsolwa.
Uthe umgilwa njengoba esesimeni esibi esibhedlela uhlaselwe kakhulu ekhanda nasezingalweni.
“Isithombe engisithunyelwe siyashaqisa, ulimele kakhulu ebusweni umgilwa, amazinyo amaningi aphumile neminwe ezandleni inqamukile, kodwa sesithembele kuNkulunkulu ngokululama kwakhe,” kusho uMdaka.
Uthe ngesikhathi efika esikoleni uthole umbiko kuthishanhloko ukuthi umsolwa ufike izikhawu ezimbili esikoleni.
“Uthe uqale wafika, bambona esengaphakathi, bengaqondi ukuthi ungene kanjani. Uthi umbuzile ukuthi ungene kanjani futhi ufunani, waphendula ngelithi ufuna umgilwa. Uzamile ukusebenzisa amandla akhe njengothishanhloko, watshela umsolwa ukuthi umgilwa usemsebenzini, ngeke akwazi ukumbona,” kusho uMdaka.
Uthe umsolwa uhambile,kodwa babuye bashaqeka sebephinde bembona ngaphakathi emagcekeni esikole.
“Ngesikhathi esebuya isibili, kuthiwa uvele wakhipha ubhushu abewuthukuse ejakhethini, esengena ephuma ehambe ecinga umgilwa. Kuthe lapho emthola khona, wahlehlisa othisha besifazane ebebemfihlile, wamhlasela ngawo,” kusho uMdaka.
Uthe kusize ukuphuma kwabanye othisha beyomemeza ngaphandle kwesikole bafune usizo, kweza amalungu omphakathi, wabe esejomba uthango lwesikole umsolwa wabaleka.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza, ohambele lesi sikole izolo waphinde wavakashela umndeni kamgilwa, usigxekile lesi sigameko.
Uthe sibashaqisile saphinde sabaphatha kabi isigameko esenzeke esikoleni kubuka izingane nothisha.
“Imicabango yethu nemikhuleko ikanye nomgilwa. Ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane akwamukelekile futhi akunasabelo emiphakathini yethu. Imiphakathi ayihlanangane ilwe nalesi sihlava,” kusho uNkk Khoza.
Uthe bewumnyango bathumele ithimba losonhlalakahle ukuba banikezele ngosizo lomqondo esikoleni okwenzeke kuso isigameko kanjalo nasemndenini kamgilwa.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe: “Singaqinisekisa ukuthi isigameko senzekile esikoleni. Kuthiwa bazamile abanye othisha ukumfihla umgilwa kodwa kwangasiza. Umuntu uma ezimisele ngokuthi uzongena esikoleni usuke ezongena njengoba kushiwo nje ukuthi ujombile ngoba isango belikhiyiwe. Okunye okuye kube nzima ukuthi uma kubonakala umuntu ozwana nothisha, isikhathi esiningi kabasheshe bathuke ngoba basuke bengacabangi ukuthi uza nobungozi, kuze kuba uyakhombisa ke.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseZibayeni, aphenya icala lokuzama ukubulala nelokufa komuntu.
Uthe lokhu kuza emva kokuhlaselwa kugencwe uthisha esikoleni ngoMsombuluko, nanokutholakala kukamsolwa ezilengisile ngoLwesibili.