ZISHAYA amakhala izazi zomthetho ngesicelo sikaZandie Khumalo sokuthi ubufakazi bakhe bungasakazwa ecaleni lokubulawa kukalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa.
Isazi somthetho u-Advocate Mpumelelo Zikalala ephawula ngesicelo sikaZandie, sithe akusalele kuye (uZandie ) ukuthi abeke imibandela yokuthi uzokwethula ubufakazi bakhe kuphela uma inkantolo ivuma imibandela yakhe.
“Leyo ngeke asakwazi ukuyenza. Uma inkantolo isikubize ukuthi uzothula ubufakazi, usuke ungeke usakwazi ukukuphikisa lokho,” kusho uZikalala.
Uthe ukuzonikeza ubufakazi enkantolo akuyi ngokuthi uyathanda noma awuthandi kodwa kuba ukuthi udingeka kangakanani.
“Likhona icala inkantolo engamvulela lona, imphoqe ukuthi aye enkantolo kumnyama kubomvu,” kusho uZikalala.
Uqhube wathi uma kwenziwa izicelo ezifana nalezi inkantolo ihlale izobheka womabili amalungelo okubukeka sengathi ayanyathelana.
Uthe kuyamangaza ukuthi usaziwayo angathi ukhathazeka ngokuthi umphakathi uzothini ngaye uma ethula ubufakazi bukhoma.
Uthe ngokubuka kwakhe, inkantolo izofinyelela esinqumeni lapho izomkhumbuza khona uZandie ukuthi njengoba engusaziwayo nje, ukuqonda kangcono ukusebenza kwabezindaba.
“Umuntu osemehlweni abantu njengaye kulindeleke akwazi ukumelana nanoma yini ezoshiwo abantu ngaye uma udumile. Angasho ukuthi ngeke buvezwe ubuso bakhe kodwa iphimbo liqhubeke lizwakale bukhoma,” kubeka uZikalala othe linamandla iphuzu elibekwe ngummeli kamsolwa wesihlanu, u-Advocate Zandile Mshololo, othe kuyamangaza ukuthi uZandie usekhala kangaka nje, ebe eke wamnameka naye (uMshololo) ezinkundleni zakhe (uZandie) zokuxhumana maqede wabhala akuthandayo.
Bonke abameli kuleli cala okwengezeke kubo nobesemele abezindaba, bavele bakuphikisa okucelwa uZandie, bethi akahlukile ngalutho kofakazi abanikezele ngobufakazi babo bukhoma ngaphandle kokukhalaza.
UZandie ongomunye wofakazi bombuso ababesendlini ngesikhathi kudutshulwa uMeyiwa, bekulindeleke ukuthi aqale ukwethula ubufakazi bakhe izolo. Umangaze abaningi enza isicelo sokuthi ubufakazi bakhe bungasakazwa bukhoma njengoba bekwenziwa kofakazi abedlule.
Phakathi kwezizathu azibekile, uthe usabela ukuphepha kwempilo yakhe njengoba engusaziwayo, obuye ahambe ayocula emicimbini eyehlukene lapho kusuke kuhlangene khona abantu.
UZandie ongumculi, uwudadewabo womculi uKelly Khumalo ongunina wengane kaMeyiwa, ubuye wathi ukusakazwa bukhoma kobufakazi bakhe kuzomenza angakhululeki futhi azizwe engaphansi kwengcindezi.
Isazi sezomthetho, u-Advocate Andile Dakela, uthe yize enalo ilungelo lokufaka isicelo salolu hlobo uZandie kodwa isinqumo esizokhishwa yinkantolo asizokubheka yilungelo lakhe kuphela.
“Kunamanye amalungelo okufanele abhekelelwe. Kuleli cala, ngeke ishiywe ngaphandle indaba yokuthi baningi kakhulu abantu abalilandelayo icala,” kusho uDakela.
Ephendula ngokusabisa kukaZandie ukuthi ngeke abethule ubufakazi bakhe uma buzosakazwa bukhoma, uDakela uthe kusobala ukuthi usephoqa inkantolo ukuthi yenze lokhu okufunwa wuye.
“Kusobala ukuthi lokhu akwenzayo akusekhona ukufaka isicelo ngoba ukube ubekuqonda ukuthi yisicelo lesi asifakayo, bekufanele akulindele ukuthi singavunyelwa noma siphikiswe,” kusho uDakela.
Leli cala liyaqhubeka kusasa.