SESENYUKELE kwabayisithupha isibalo sabashone ngesikhathi kuhlasele imvula ebihambisana nesiphepho KwaZulu-Natal ngempelasonto.
Izolo uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi noNgqongqoshe wezokuHlaliswa KwaBantu, uMnuz Sipho KK Nkosi bahambele eMtubatuba kuMasipala uMkhanyakude lapho kushone khona izingane ezine nomuntu omdala oyedwa kwacekeleka phansi izindlu ezevile ku-70 beyobheka umonakalo.
Kushone oyedwa kuMasipala iMooi-Mpofana.
Lishone elayizolo kungakaphothulwa ukubalwa komonakalo odaleke kulesi sifundazwe. Abasebenzi bophiko lwezinhlekelele bebesasabalele kuso sonke isifundazwe beqoqa imininingwane.
UNdunankulu uNkk Dube-Ncube, uthe ngesikhathi behambele imindeni ethintekile bathole ukuthi kunemindeni ezodinga ukwelekelelwa ukuze ivuse izindlu ezipheshukelwe uphahla.
“Imindeni isadinga nosizo lokwelulekwa ngokwengqondo, okwamanje sisazobheka ukuthi izindonga ezisalile ziphephile yini, ukuze sikwazi ukusiza,” kusho uNdunankulu.
UMnuz Sboniso Mngadi okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal, ucashunwe kweminye imithombo yabezindaba, ethi amathimba abo abesaqhubeka nokuqoqa imininingwane mayelana nomonakalo odaleke esifundazweni sonke kodwa bese betholile ukuthi uMkhanyakude iwona okhahlamezeke kakhulu, kulandele uMzimkhulu okucelekeke kuwo izindlu ezingu-24 noMasipala waseMpofana nakuwona okucekeleke phansi izindlu kanye naseThekwini lapho amanzi abegcwele emigwaqweni.
UMngadi uthe amahholo avuliwe ukuze umphakathi ukhosele kodwa abaningi bakhethe ukukhosela ezihlotsheni.
Uthe phambilini ngesikhathi kuhlasele izikhukhula eThekwini kwakhonjwa ukuvaleka kwemisele ehambisa amanzi emvula njengembangela yokuthi kube nomonakalo omkhulu kuleli dolobha.
"EMtubatuba indawo yasemakhaya esingeke sithi kunenkinga yemisele ngoba indawo evulekile kodwa kube nemvula enkulu ebihambisana nesiphepho okuholele ekutheni kudilike izindlu zabantu kuphume nemiphefumulo," kuchaza yena.
Uthe okwamanje abacabangi ukuthi izindlu zakule ndawo azikho ezingeni elifanele lokuphepha ngoba kuthinteke nezindlu ezakhiwe kahle.
UNksz Simisiwe Mkhwanazi waseMapheleni eMtubatuba, lapho kushone khona ingane kwaZungu ewelwe uphahla lwendlu, uthe uyaqala ukubona kule ndawo kuhlasele isimo sezulu esinjengalesi.
"Nabadala kunathi bathi akukaze kwenzeke okunjengalokhu yize bekuke kwenzeke kwezinye izindawo eziseduze kwethu. Ngifike ngoMgqibelo ebusuku ngibizwa ingane ingitshela ukuthi sekuwe uphahla kubo. Ngishiye olwasekhaya usizi ngoba nathi besikhipha amanzi endlini ngeza kubo. Ngifice ingane isashisa angazi noma ibishonile yini nogogo obesakhala ecela usizo. Ngifonele amakhansela nama-ambulensi kwathiwa akulula ukuthi aze ngapha ngoba sekuwe izigxobo zigagesi zawela emgwaqweni. Izimoto azisakwazi ukuhamba. Abanye engibafonelile bafikile balekelela kodwa umzukulu ugcine eshonile," kuso uNksz Mkhwanazi.