LUPHENYWA wuphiko lwamaphoyisa aphenya ubugebengu obuhleliwe udaba lokweqa kwesiboshwa esiyingozi ejele laseMangaung, uThabo Bester.
UBester kuthiwa weqa ngoMeyi 3 nyakenye ngaphambi kokuba kutholwe isidumbu somuntu oshisiwe egunjini ayevalelwe kulo, obekusolakala ukuthi ngesakhe sonke lesi sikhathi.
UMkhuzi wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola uyalele uphiko olujutshiwe ukuthi luphenye icala ukuthi lulubeke eqhulwini ukuze kwenzeke ubulungiswa.
UMasemola uveze ukuthi phakathi kwamacala aphenywa wuphiko, ngelokubulala kulandela ukuthi imiphumela yolibofuzo ikuveze obala ukuthi isidumbu esatholwa egunjini okwakuvalelwe kulo uBester akusona esakhe.
"Umbiko wokuhlolwa kwesidumbu uphinde waveza ukuthi umufi wabulawa ngokushaywa ngento ethize ekhanda hhayi umlilo. Uveza ukuthi ngesikhathi kusha igumbi okwatholakala kulo isidumbu sakhe, wayevele esefile," kusho uMasemola.
Ubuye waveza nokuthi amaphoyisa aphenya necala lokweqa komuntu esitokisini kulandela ukubikelwa wuMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ukuthi uBester weqile esitokisini.
"Ngokubuyekeza isimo, maningi amanye amacala asazonezelwa kulolu daba," kusho uMasemola.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Singabakho Nxumalo, uthe okubalulekile njengamanje wukuthi kwenziwe konke okusemandleni ukuthi uBester abanjwe abuyiselwe ezikhindini.
"UMnyango unxusa umphakathi ukuthi ulekelele ngolwazi olungaholela ekutheni abanjwe uBester abuyiselwe ngaphakathi. Lolo lwazi lunganikwa amaphoyisa aseduze noma isikhungo soMnyango wethu," kusho uNxumalo.
Ubuye waveza nokuthi ijele okweqe kulo uBester linenkontileka nenkampani yonogada abazimele okulokhu yaqala ukusebenza ngo2001. Uthe kulandela isigameko, uMnyango kawunazinhlelo zokuyivuselela uma iphela ngoJuni 2026. Nyakenye ngesikhathi kuvela ngesigameko, kwathiwa uBester utholakale ezibulele ngokuzishisa.
UMnyango wagcina uthe udaba lokufa kwakhe luzophenywa.Kuze kwaba yikamuva lapho kuvele khona izithombe ezinkundleni zokuxhumana ezikhombisa okusolwa ukuthi nguBester, ebonakala epepenyeka enxanxatheleni yezitolo eGoli.
Wayelahlwe ngamacala okudlwengula nokubulala yiNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngo-2012. Ubedonsa isigwebo seminyaka engu-75.
Namaqembu epolitiki okukhona kuwo i-EFF neNFP aseveze ukuthi afuna abanjwe ngokushesha uBester bese kuthi bonke abathintekayo ekweqeni kwakhe nabo babhekane nengalo yomthetho.