UZOVOTELWA ngenyanga ezayo ePhalamende uMvikeli woMphakathi omusha u-Adv Kholeka Gcaleka.
Isinqumo siphume emhlanganweni wekomiti losotswebhu bamaqembu ahlukene ezepolitiki ePhalamende, eliholwa nguSomlomo, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula.
Ikomiti litshelwe ukuthi kutholakale indawo yokuhlala kwePhalamende okungu-Okthoba 19, njengoba lashiswa.
UMnuz Masibulele Xaso ongunobhala wePhalamende, utshele ikomiti ukuthi bebethole indawo eCape Town International Convention Centre ngo-Okthoba 18 kodwa ibiza kakhulu.
Uthe kube sekutholakala iCity Hall, okuyiyo ejwayele ukuthi kwenziwe kuyona izinto zasePhalamende.
USotswebhu we-ANC uNksz Pemmy Majodina, uthe bebevumelene ngo-Okthoba 18 kodwa ngenxa yokuthi kusuke kunomhlangano weKhabhinethi, okusho ukuthi bazoqala sekudlule isikhathi, babona kungcono kube nokuvotelwa koMvikeli ngakusasa.
Uthe ngo-Okthoba 19, bazosheshe baqale futhi kuzobe ungekho umhlangano weKhabhinethi.
Kudingeka u-60% wamavoti ukuze kuphasiswe igama lika-Adv Gcaleka bese igama lakhe lidluliselwe kuMengameli Cyril Ramaphosa, amqoke ngokusemthethweni.
Amaqembu okubalwa i-DA, EFF namanye alichitha igama lika-Advocate Gcaleka athi ngeke aseke ukuphakanyiswa kwakhe.
Amalungu ePhalamende azovota ngokuthi athi yebo, noma cha uma sekuvotwa.
Ukuze igama liphase kudingeka amalungu amaningi abe yingxenye yomhlangano ePhalamende njengoba kwenzeka ngesikhathi kuchithwa obengumvikeli womphakathi u-Adv Busisiwe Mkhwebane.
U-Adv Gcaleka uyibamba lomvikeli. Wangena emva kokumiswa kuka-Adv Mkhwebane.
Uma kwenzeka evotelwa ukwesekwa, kuzobe kungokokuqala kuleli ukuthatha izintambo kokade eyiphini lomvikeli.