UKUNGAHLALISEKI ngokuthula endaweni ngenxa yamalungu omphakathi amsola ngokuthakatha, sekwenze owesifazane okhubazekile azizwe engaphephile kwakhe.
UNkk Zama Mkhwanazi (48) waseMariannhill, entshonalanga yeTheku, uthe usehlala ethuka izanya ngenxa yengxenye yamalungu omphakathi emsola ngokuthakatha, okuyinto ayichaze njengesingamampunge.
“Ngaphiwa indawo yokuthi ngakhe KwaDesai, eMariannhill, ngo-2007 lapho okwakugcwaliswa khona umhlaba okwakungakhiwe lutho kuwona kule ndawo.
“Inkinga iqale sekushona umama wakubo kwalo baba owangisikela le ndawo, amalungu omndeni wakhe engisola ngokuthi yimi ombulele ngokumthakatha.
“Inzondo nezinsolo abanakho ngami, kugcine kubhebhetheka nakwabanye omakhelwane, ngaba nyamanambana kubantu abaningi endaweni.
Kuthe ngokuqina kwezinsolo zabo ngami, ngaphoqeleka ukubika udaba emaphoyiseni ngoba ngingasakhululekile, nakhona ngangasizakala ngalutho, amaphoyisa angitshela ukuthi udaba angilubike enkantolo yenkosi, ukuze ngisizakale,” kuchaza uNkk Mkhwanazi.
Eqhuba, uthe ukwanda kwalezi zinsolo ezimbi ngaye, kugcine kuholela ekutheni athathwe njengento engelutho endaweni, kwaze kwaba khona nabazama ukumhlasela.
“Ngenyanga edlule kufike abantu kwami, bashaya isicabha bengithuka, bethi ngiyathakatha, belibeka ngembaba elokuthi ngifanelwe wukufa.“Sengiphenduke inhlekisa ngisho nasezinganeni zasendaweni, okuthi uma ngiphumela emnyango zingibize ngomthakathi,” kusho uNkk Mkhwanazi.
Uthe akakhululeki ngisho kukhona lapho okumele aye khona, futhi uzizwa engaphephile njengoba engakwazi nokuhamba asheshe ngenxa yokukhubazeka emlenzeni.
Kuthintwa okhulumela uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi, uMnuz Mhlaba Memela, uthe kubakhathaza kakhulu ukusatshiswa kwabantu ngezinsolo ezinjengalesi, esikhathini esiningi ezisuke zingenabo ubufakazi.
“Sekukaningi sibhekana nezimo ezifana nalesi, lapho abantu besolwa ngokuthakatha, abanye baze babulawe impela ekubeni kungekho ubufakazi ngabasolwa ngakho.
“Yingakho sihlale sikhuthaza abantu ukuthi bakhuthalele ukuxhumana nabezenhlalakahle namaphoyisa, uma besuke bebhekene nezimo ezinjena,” kunxusa uMemela.
Eqhuba, uzibophezele ekuthini uzoxhumana noNkk Mkhwanazi, ukuze enze isiqiniseko sokuthi umxhumanisa nabezenhlalakahle namaphoyisa ukuze asizakale.
“SiwuMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi, wumsebenzi wethu ukulekelela ezimeni ezinjena, ngakho ngiyakuqinisekisa ukuthi sizokwenza okusemandleni ethu ukuxazulula lolu daba,” kuthembisa uMemela.
Ephetha, uthe ukuzama ukuxazulula izinkinga ezifana nale, uNgqongqoshe woMnyango uNksz Nonhlanhla Khoza, useqalile ukuxhumana nabaholi bezomdabu, ukubhunga ngokufanele kwenziwe kubhekwe phambili.
UNkk Mkhwanazi ukuqinisekisile ukuthi aboMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi bamthintile mayelana nalolu daba, futhi bathembisa ukumlekelela ngokumxhumanisa nabezenhlalakahle ukuze asizakale.
“Okusangiphethe kabi wukuthi ngizizwa ngingaphephile endaweni, ikakhulu ngoba akukaboshwa muntu kulaba bantu abangisabisa ngokungibulala, ekubeni sengilubike kaningi udaba lwami emaphoyiseni,” kubalisa uNkk Mkhwanazi ohlala nomyeni wakhe nezingane zabo ezimbili.