LISHAYE ungqimphothwe lathi selizosifaka isicelo sebheyili isosha lombutho wezempi eNingizimu Afrika elisolwa ngokudubula libulale inkosikazi yalo emzini wabo osePinetown, eThekwini.
Phambilini uMnuz Lwanda Mxolisi Zungu (37) watshela iNkantolo yeMantshi yasePinetown ukuthi uyayibonga ibheyili ngaleso sikhathi.
Kushintshile ukudla epuletini ngoMsombuluko ngesikhathi uZungu, ogqunywe ezitokisini, esethi uzofaka isicelo sebheyili.
Inkantolo ibe isikubekela uMashi 26 nonyaka ukulalelwa kwalesi sicelo sebheyili sikaZungu.
Leli cala lidonse amehlo amaningi nabamahlelo ahlukene emphakathini okufakazelwa wukugcwala enkantolo kwabantu abasuke bezolithamela.
UZungu usolwa ngokudubula amahlandla amaningi abulale inkosikazi yakhe, uTania Msane-Zungu (36), ngoJanuwari 3 nonyaka.
Kuthiwa endlini kwakukhona unina kamufi, uNkk Gwen Msane, nezingane zalaba bashadikazi ababili ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
Le ndoda kuthiwa yagcwala izinkalo emuva kwesigameko kodwa yagcina izinikele emaphoyiseni iphelezelwa ngummeli wayo.
NgoJanuwari umndeni kamufi wasola uZungu ngokuthi ungumuntu obenesandla esilula futhi esebenzisa indlakadla emshadweni wakhe. Lo mndeni wathi ufuna inkantolo imncishe ibheyili uZungu.
Ngakolunye uhlangothi ilungu lomndeni kaZungu lathi ubulale inkosikazi yakhe ngoba ubekade eyisola ngokuthi iyaphinga nomuntu amaziyo.